Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




ULevitikusi 10:11 - IsiZulu 2020

11 nize nifundise abantu bakwa-Israyeli zonke izimiso uSimakade azikhulume kubo ngesandla sikaMose.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 nize nifundise abantwana bakwa-Israyeli zonke izimiso uJehova azikhulume kubo ngesandla sikaMose.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Nifundise abantwana bakwa-Israyeli zonke izimiso uJehova azikhulume kubo ngenkonzo kaMose.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




ULevitikusi 10:11
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwase kuyisikhathi eside u-Israyeli engenaye uNkulunkulu weqiniso, kungekho namphristi ofundisayo, kungekho namthetho.


Bafundisa kwaJuda bephethe incwadi yomthetho kaSimakade, bajikeleza kuyo yonke imizi yakwaJuda, befundisa abantu.


UHezekiya wakhuluma kahle kubo bonke abaLevi ababebonakalisa ukuthi bayayiqonda inkonzo kaSimakade. Badla-ke iminikelo yomkhosi izinsuku eziyisikhombisa, benikela ngemihlatshelo yeminikelo yokuthula, bembonga uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.


Kwakulusuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa. U-Ezra, umphristi, wayiletha incwadi yomthetho phambi kwebandla, abesilisa, nabesifazane nabo bonke ababezwa, baqonde.


Bafunda encwadini yomthetho kaNkulunkulu, bawuhumusha ukuze abantu bawuqonde ukuthi uthini.


Base bethi: “Wozani simakhele uzungu uJeremiya, ngokuba umyalelo awuyukulahleka ngomphristi, ukweluleka ngohlakaniphileyo, nezwi ngomphrofethi; wozani simhlasele ngamazwi ethu, singalinaki nelilodwa lamazwi akhe.”


Abaphristi abashongo ukuthi: ‘Uphi uSimakade na?’ Abaphethe umthetho babengazi, ababusi baphambuka kimi, abaphrofethi baphrofetha ngoBhali, balandela okungenakusiza.


Phela izindebe zomphristi kufanele zilondoloze ulwazi; abantu kumele bafune imfundiso emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaSimakade Wamabandla.


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


Ngokuba anginigodlelanga lutho, ukuba nginganitsheli konke okuyintando kaNkulunkulu.


Ubokwenza njengalokhu benqumile, wenze lokho abayokutshela khona kuleyo ndawo uSimakade ayoyikhetha, uqaphele ukukwenza konke lokho abakufundisa khona.


Wenze njengezwi lomthetho abayakukufundisa lona, nanjengesehlulelo abayakukutshela sona. Ungachezukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ekwehluleleni kwabo.


“Qaphela mayelana nesifo sochoko, uqaphelisise impela, wenze konke njengalokhu abaphristi abangabaLevi bezokufundisa. Uqaphele ukuba wenze njengalokhu ngibayalile.


Bafundisa uJakobe izehlulelo zakho, no-Israyeli umthetho wakho; babeka impepho phambi kwamakhala akho, nomnikelo oshiswa wonke e-althare lakho.


Ngokuba niyayazi imiyalo esaninika yona ngeNkosi uJesu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka