Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 24:18 - IsiZulu 2020

18 USimakade waxosha bonke abantu phambi kwethu, ama-Amori ayehlala ezweni; yingakho siyomkhonza uSimakade, ngokuba unguNkulunkulu wethu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 UJehova waxosha phambi kwethu bonke abantu, nama-Amori futhi ayehlala ezweni; ngalokho nathi siyakumkhonza uJehova, ngokuba unguNkulunkulu wethu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 UJehova wabaxosha bonke abantu phambi kwethu, ama-Amori ayehlala ezweni; ngalokho nathi siyakumkhonza uJehova; ngoba unguNkulunkulu wethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 24:18
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Impela ngiyinceku yakho Simakade, ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho, uzikhumulile izintambo zami.


Lokhu uyoze ukuxoxele indodana yakho nabazukulu bakho ukuthi ngaliphatha ngesihluku esinjani iGibhithe, nokuthi zibonakaliso zini engazenza kulo ukuze nazi ukuthi nginguSimakade.”


USimakade ungamandla ami nesivikelo sami, uyinsindiso yami, lona nguNkulunkulu wami, ngizokumtusa, nguNkulunkulu kababa, ngizokumphakamisa.


Ngiyokwandisa imingcele yezwe lakho kusukela oLwandle Lomhlanga kuze kufike olwandle lwamaFilisti, kusukela ehlane kuze kushaye emfuleni. Ngiyonipha amandla phezu kwezakhamuzi zezwe, nizixoshe phambi kwenu.


Izizwe eziningi ziyakufika zithi: “Wozani, masikhuphukele entabeni kaSimakade, nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe, ukuze asifundise ezindleleni zakhe, size sikwazi ukuhamba emikhondweni yakhe, ngokuba eZiyoni kuyakuvela umthetho, nezwi likaSimakade eJerusalema.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ngalezo zinsuku amadoda alishumi, avela kuzo zonke izilimi zabezizwe, ayakubamba umphetho wengubo yomuntu wakwaJuda, athi: ‘Masihambe nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’ ”


Okhokho bethu noJoshuwa balemukela, balingenisa ezweni labezizwe azixosha phambi kobaba, kwaze kwaba semihleni kaDavide,


Uludumo lwakho, unguNkulunkulu wakho okwenzele lezi zinto ezinkulu nezesabekayo ozibonile ngamehlo akho.


UNkulunkulu wasemandulo uyisiphephelo nangaphansi zikhona izingalo ezingunaphakade; wazixosha izitha phambi kwakho wathi: ‘Bhubhisa.’


Ngokuba uSimakade uzixoshile phambi kwenu izizwe ezinkulu nezinamandla; nina-ke akukho muntu okwazile ukumelana nani kuze kube namuhla.


ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu nguYena owasikhipha thina nokhokho bethu Gibhithe, endlini yobugqila, nowenza lezo zibonakaliso emehlweni ethu. Wasivikela endleleni yonke esahamba kuyo, naphakathi kwabo bonke abantu esedlula phakathi kwabo.


UJoshuwa wathi kubantu: “Aninakumkhonza uSimakade, ngokuba unguNkulunkulu ongcwele. UnguNkulunkulu onomhawu, akayukuxolela iziphambeko zenu noma izono zenu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka