Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 22:23 - IsiZulu 2020

23 ngokuzakhela i-althare ukuze sihlubuke ekulandeleni uSimakade; noma uma lokhu sikwenze ukuze sinikele kulo iminikelo yokushiswa noma yokusanhlamvu noma yobudlelwane, uSimakade uqobo makaziphindiselele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 ngokuthi sizakhele i-altare, sabuya ekumlandeleni uJehova; futhi uma kwakungukuba sinikele phezu kwalo ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yempuphu, nokuba sinikele ngemihlatshelo yeminikelo yokuthula phezu kwalo, uJehova uqobo makakubize.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ukuthi sizakhele i-altare lokuchezuka kuJehova, nokuba sinikele phezu kwalo umnikelo wokushiswa noma umnikelo wempuphu, nokuba sinikele phezu kwalo iminikelo yokubonga, makayifune uJehova ngokwakhe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 22:23
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha ningalokothi nidle inyama enegazi, ngokuba umphefumulo usegazini layo.


Inkosi uJowashi ayikhumbulanga ukwethembeka ayenakho kuye uJehoyada uyise ngesikhathi ibulala indodana yakhe. Lapho isifa yathi: “USimakade makakubone lokhu, aphindisele.”


Uma ngithi komubi: ‘Uyakufa nokufa,’ bese ungamxwayisi; ungakhulumi umxwayise omubi endleleni yakhe embi, ukuba omubi umsindise, uyakufa ngenxa yezono zakhe, kodwa igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.


Kepha-ke uma umlindi eyibonile inkemba yehla, akaze alishaya icilongo ukuba abantu baxwaye, inkemba ize yehlele kubo, ibhubhise umuntu phakathi kwabo, lowo muntu uyakubhubha ngenxa yokona kwakhe, kodwa igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni somlindi.’


Kuyakuthi lapho ngithi komubi: ‘Muntu omubi, uyakufa nokufa,’ bese wena ungakhulumi ukuba uxwayise umuntu omubi ayishiye indlela yakhe, lowo muntu omubi uyakufa ngenxa yokona kwakhe, kodwa igazi lakhe ngiyakulibiza kuwe.


Kuyokuthi indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale kuyo igama lakhe, nikuyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, imihlatshelo yenu, okweshumi kwenu, umnikelo wokuphakanyiswa womkhiqizo wenu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa uSimakade.


Yilowo nalowo ongayukuwalalela amazwi ami ayowakhuluma eGameni lami, Mina ngiyobheka ukuba aziphendulele ngalokho.


Qha, silakhe ngokwesaba ukuthi esikhathini esizayo abantwana benu bayothi kwabethu: ‘Ninamsebenzi muni noSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, na?


UJonathani wayesenza isivumelwano nabendlu kaDavide, wathi: “Sengathi uSimakade angaziqeda nya izitha zikaDavide.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka