Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 22:19 - IsiZulu 2020

19 Kepha uma izwe lenu lingcolile, welelani ezweni eliyifa likaSimakade, lapho kukhona ithabanakeli likaSimakade, nibe nefa phakathi kwethu; ningamhlubuki uSimakade uNkulunkulu wethu, futhi ningasihlubuki nathi ngokuzakhela i-althare, kunalelo likaSimakade uNkulunkulu wethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kepha uma izwe lefa lenu lingcolile, welani, niye ezweni lefa likaJehova, lapho lihlala khona itabernakele* likaJehova, nibe nefa phakathi kwethu; kepha ningahlubuki uJehova, ningahlubuki futhi kithi ngokuzakhela i-altare ngaphandle kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Kodwa uma izwe lefa lenu lingcolile, dlulelani niye ezweni lefa likaJehova, lapho itabernakele likaJehova lihlala kulo, nidle ifa phakathi kwethu; kepha ungahlubuki kuJehova, ungasihlubuki, wazakhele i-altare ngase-altare likaJehova uNkulunkulu wethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 22:19
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abaphristi nabaLevi ababekulo lonke elakwa-Israyeli bazihlanganisa noRehobhowamu, bevela kuzo zonke izifundazwe.


Uyakubabuyisa ubatshale entabeni eyifa lakho, indawo Wena Simakade ozenzele yona ukuba uhlale kuyo, indawo engcwele Simakade, emiswe yizandla zakho.


Kepha isikhulu sasembusweni wasePheresiya samelana nami izinsuku ezingama-21, kepha bheka, uMikhayeli, omunye wezikhulu zokuqala, weza wazongisiza, noma kade ngishiywe ngedwa khona namakhosi asePheresiya.


“Ngakholo-ke usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Umkakho uyakufeba emzini, amadodana namadodakazi akho ayakufa ngenkemba, nezwe lakho liyakulinganiswa ngentambo labiwe, wena uyakufela ezweni elingcolileyo, u-Israyeli athunjwe impela ezweni lakhe.’ ”


Inhlangano yonke yakwa-Israyeli yayisihlangana eShilo, yamisa lapho ithende lokuhlangana. Izwe lanqotshwa phambi kwayo.


Abakwa-Israyeli bezwa ukuthi abakwaRubeni, abakwaGadi, nengxenye yesizwana sakwaManase bakhe i-althare malungana neKhanani ezifundeni ezingaseJordani, ohlangothini lwabakwa-Israyeli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka