Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 10:30 - IsiZulu 2020

30 USimakade wayinikela nayo nenkosi yayo esandleni sabakwa-Israyeli, wayichitha ngenkemba nabo bonke abantu ababekuyo, akashiyanga namunye. Wenza enkosini yaseMakheda njengoba ayenzile enkosini yaseJerikho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 uJehova walinikela nalo nenkosi yalo esandleni sakwa-Israyeli, walichitha ngosiko lwenkemba nabo bonke abakulo, akashiyanga noyedwa owasala phakathi kwalo; wenza-ke kuyo inkosi yalo njengalokho ebenzile kuyo inkosi yaseJeriko.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

30 UJehova walinikela nenkosi yalo esandleni sakwa-Israyeli; walishaya ngosiko lwenkemba nabo bonke ababekulo; akavumelanga ukuba kusale muntu kulo; wenza enkosini yakhe njengalokho enzile enkosini yaseJeriko.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 10:30
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehu wababulala bonke ababesasele bendlu ka-Ahabi eJizreyeli, zonke izikhulu zakhe, abazana naye, nabaphristi bakhe, akwaze kwasala noyedwa kubo.


izwe linqotshwe phambi kukaSimakade, khona niyobuyela emuva, ningenacala kuSimakade naku-Israyeli. Leli lizwe liyoba yifa lenu phambi kukaSimakade.


USimakade uNkulunkulu wethu wamnikela kithi, samnqoba, yena namadodana akhe nabantu bakhe bonke.


nalapho uSimakade uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho ukuba uzinqobe, uyozibhubhisa uziqede nya, awuyukwenza isivumelwano nazo, ungabi namusa kuzo.


UJoshuwa wadla iMakheda ngalolo lusuku, walichitha ngenkemba nenkosi yalo, waqothula bonke abantu ababekulo, akashiyanga namunye. Wenza enkosini yaseMakheda njengoba ayenzile enkosini yaseJerikho.


UJoshuwa wasuka eMakheda nabo bonke abakwa-Israyeli, baya eLibhina, balwa nalo.


UJoshuwa wasuka eLibhina nabo bonke abakwa-Israyeli, baya eLakhishi, wakanisa malungana nayo, walwa nayo.


UJoshuwa wayidla yonke imizi yalawo makhosi nawo wonke amakhosi ayo, wakuchitha ngenkemba, wakuqothula njengokuyala kukaMose inceku kaSimakade.


inkosi yaseLibhina: iyodwa; inkosi yase-Adulamu: iyodwa;


U-Israyeli eseqedile ukubulala zonke izakhamuzi zase-Ayi ehlane elalivulekile lapho babebaxoshele khona, nalapho bonke ngothi lwabo sebebulewe ngenkemba, bonke abakwa-Israyeli baphindela e-Ayi, balihlasela balibhubhisa ngenkemba.


Inkosi yase-Ayi wayilengisa emthini kwaze kwaba kusihlwa. Ngokushona kwelanga uJoshuwa wayala ukuba basehlise isidumbu sayo emthini, basitshinge esangweni lomuzi, base bebeka inqwaba enkulu yamatshe phezu kwaso, esekhona nanamuhla.


Kepha izakhamuzi zaseGibheyoni lapho zizwa ngalokho uJoshuwa ayekwenze kulo iJerikho ne-Ayi,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka