Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 7:32 - IsiZulu 2020

32 Ngakho-ke bheka, izinsuku ziyeza, kusho uSimakade, lapho ingaseyukubizwa ngeThofethi nesigodi sendodana kaHinomu, kodwa iSigodi Sokubulala, ngokuba bayakungcwaba eThofethi, kuze kungabe kusaba bikho ndawo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, elingasayikubizwa ngazo ngokuthi iThofeti nesigodi sendodana kaHinomu kepha isiGodi Sokubulala, ngokuba bayakumbela eThofeti, lokhu ingekho enye indawo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Ngakho-ke, bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho zingasayikuthiwa iThofeti, nesigodi sendodana kaHinomu, kepha isiGodi sokuBulala; ngoba bayakungcwatshwa eThofeti kuze kungabi khona indawo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 7:32
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yangcolisa iThofethi esigodini sabantwana bakwaHinomu ukuze kungabe kusaba bikho odabulisa indodana noma indodakazi yakhe emlilweni kaMolokhi.


uthi kuwo: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: Ngiyakubaphihliza kanjalo laba bantu nalo muzi, njengokuphihlizwa kwesitsha sombumbi esingayukubuye sihlanganiseke; bayakumbelwa eThofethi, ngokuba akuyukuba bikho ndawo yokungcwaba.


Izindlu eJerusalema nezigodlo zamakhosi akwaJuda, ziyakungcola njengeThofethi, yebo, nakuzo zonke izindlu abashisele ibandla lasezulwini impepho, phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwayo.’ ”


uphume, uye esigodini sendodana kaHinomu, esingasesikhaleni seSango Lezindengezi, umemezele khona amazwi engiyakuwasho kuwe.


Ngakho-ke ziyeza izinsuku, kusho uSimakade, lapho le ndawo ingasayukubizwa ngokuthi iThofethi, noma yisigodi sendodana kaHinomu, kepha yiSigodi Sokubulala.


Isigodi sonke; lapho kugcwele khona izidumbu, nalapho kulahlwa khona umlotha, nawo wonke amasimu, kuze kube semfudlaneni iKidroni, kuze kufike egumbini leSango Lehhashi ngasempumalanga; kuyakuba ngcwele kuSimakade, kungabe kusasishulwa, noma kubhidlizwe, kuze kube phakade.”


Bakhe izindawo eziphakemeyo eThofethi, esesigodini sendodana kaHinomu, ukuba bawashisele khona amadodana namadodakazi abo, into engingabayalanga ukuba bayenze, nengingakaze ngiyicabange.


Ama-althare enu ayakuba yincithakalo, kubhidlizwe ama-althare enu empepho, ngiyokwenza ababuleweyo benu bawe phambi kwezithombe zenu.


Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, ngibhidlize ama-althare enu empepho, izidumbu zenu ngizilahle phezu kwezithombe zenu ezifihlikileyo; umphefumulo wami uyonengwa yini.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka