Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 6:16 - IsiZulu 2020

16 Usho kanje uSimakade, uthi: “Yimani ezindleleni, nibone, nibuze ngemikhondo yasemandulo ukuthi ikuphi indlela enhle, nihambe kuyo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu, kepha, bathi: ‘Asiyukuhamba kuyo.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Usho kanje uJehova, uthi: “Yimani ezindleleni, nibone, nibuze imikhondo yasendulo ukuthi iphi indlela enhle, nihambe ngayo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu; kepha bathi: ‘Asiyikuhamba ngayo.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Usho kanje uJehova, uthi: “Yimani ezindleleni, nibuke, nibuze ngezindlela zakudala, iphi indlela enhle, nihambe ngayo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu. Kodwa bathi: Asiyikuhamba ngayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 6:16
38 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

mawuzwe Wena usezulwini, uthethelele isono sezinceku zakho nesabantu bakho u-Israyeli, lapho ubafundisa indlela enhle abayakuhamba ngayo, uthumele imvula ezweni lakho obanike lona abantu bakho ukuba libe yifa labo.


“Bheka, u-Amariya, umphristi, nguye onengamele nazo zonke izindaba zikaSimakade. UZebadiya, indodana ka-Ishmayeli, umholi wendlu yakwaJuda, uyokwengamela zonke izindaba eziqondene nenkosi. AbaLevi bayakuba yizikhulu eziniholayo. Yenzani ngesibindi, uSimakade uyakuba nabalungileyo.”


Buyela endaweni yakho yokuphumula, mphefumulo wami, ngokuba uSimakade ukuphathe ngomusa.


Wena ndlu kaJakobe, woza sihambe ekukhanyeni kukaSimakade.


Athi kubo: “Lokhu ngukuphumula, phumuzani abantekenteke; lokhu kungukuhlunyelelwa;” nokho abezwanga.


nakuba niphambukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, izindlebe zenu ziyakuzwa izwi emva kwenu, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo.”


Khumbulani izinto zakuqala, zasemandulo, ngokuba nginguNkulunkulu, akekho omunye, nginguNkulunkulu, akekho onjengami,


angene ekuthuleni. Abahambe ngobuqotho bayophumula emibhedeni yabo.


isifundiso nobufakazi kwabafileyo na? Impela abakhuluma ngalolu hlobo, kabasoze baba nakukhanya.


Kuyakuthi uma bezifunda nokuzifunda izindlela zabantu bami, ukuba bafunge igama lami, bathi: ‘Kuphila kukaSimakade,’ njengalokhu befundise abantu bami ukufunga uBhali, bayakuzinziswa phakathi kwabantu bami.


Kepha bayakuthi: “Kuyize, siyakulandela amacebo ethu, senze, kube yilowo nalowo ngenkani kagovane wakhe omubi.”


Nokho abantu bami bangikhohliwe, bashisela okuyize impepho; bakhubeka ezindleleni zabo, emendweni yasemandulo, ukuba bahambe ngemikhondo, nangezindlela ezingahlelwanga;


Nqanda unyawo lwakho lungabi olungenasicathulo, nomphimbo wakho ukuba ungomi; kepha wena wathi: ‘Kuyize; qha, ngiyabathanda onkulunkulu babezizwe, ngizobalandela.’


Ngakhuluma kuwe kusakuhambela kahle, kepha wathi: ‘Ngeke ngilalele.’ Lokhu kungumkhuba wakho, kwasebusheni bakho; ukuba ungalilaleli izwi lami.


“Zibekele amatshe ayinkombandlela, uzibekele izimpawu zomgwaqo, uqaphelisise umendo wakho, indlela owahamba ngayo; uzophinde ubuye ngayo. Buya ntombi engu-Israyeli, ubuyele kule mizi yakho.


Sinxusele ukuze uSimakade uNkulunkulu wakho asikhombise indlela esiyakuhamba ngayo, nalokho esiyakukwenza.”


“Izwi olikhulume kithi egameni likaSimakade asiyukulilalela.


Bayakubuza indlela eya eZiyoni, bebhekise amabombo abo kulo, bethi: wozani nizihlanganise noSimakade ngesivumelwano saphakade esingenakulibaleka.


kodwa ngabayala ngalokhu, ngathi: lalelani izwi lami, ngiyakuba nguNkulunkulu wenu, nina nibe ngabantu bami, niyakuhamba ngazo zonke izindlela enganiyala ngazo, ukuze kunihambele kahle konke.


Kepha abalalelanga, abayibekanga indlebe yabo kwengikushoyo, kodwa bahamba ngokobulukhuni benhliziyo yabo embi; bahlubuka, bahlehlela emuva, abaze baqhubekela phambili.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Lungisani izindlela nezenzo zenu, khona ngizonenza nakhe kule ndawo.


“Khumbulani umthetho kaMose inceku yami engamyala ngawo eHorebhe mayelana no-Israyeli wonkana, oyizimiso nezehlulelo.”


“Kepha u-Abhrahama wathi: ‘Abafowenu banemithetho kaMose nemibhalo yabaphrofethi, mabalalele bona.’


UJesu wayesethi kubo: “Kuseyisikhashana ukukhanya kukhona phakathi kwenu. Hambani nisenokukhanya, ukuze ningaficwa ngubumnyama. Ohamba ebumnyameni, akazi ukuthi uya kuphi.


Uma nikwazi lokhu, nibusisiwe nxa nikwenza.


Nihlola imibhalo ngokuba nicabanga ukuthi kuyo nizothola ukuphila okuphakade, kanti-ke yiyo efakaza ngami.


Laba babengcono kunabaseThesalonika, ngokuba balemukela izwi ngenhliziyo yonke, behlolisisa imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezo zinto.


futhi abe nguyise wabasokileyo, kungabi ngowabasokileyo kuphela, kodwa nowalabo abahamba endleleni yokukholwa, ubaba u-Abhrahama ayenakho engakasoki.


“Khumbula izinsuku zasendulo, ubheke iminyaka yezizukulwane ngezizukulwane; buza kuyihlo, uyakukulandisa, nezingwevu zizokutshela.


Ngakho-ke njengalokhu nimamukele uKhristu uJesu iNkosi, hambani nikuye,


Ngokuba okhokho bafakazelwa ngakho.


ukuze ningabi ngamavila, kodwa nilingise labo okuthe ngokukholwa nangokubekezela badla ifa lezithembiso.


Nokho ababalalelanga abehluleli babo, ngokuba baphinga nabanye onkulunkulu, babakhothamela. Ngokushesha bachezuka endleleni abahamba kuyo oyisemkhulu, ababelalela imiyalo kaSimakade, abazange basilandele isibonelo sabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka