Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 51:41 - IsiZulu 2020

41 “Maye, ngokuthunjwa kweSheshakhi, nokubanjwa kwezwe elalinodumo emhlabeni wonke! Maye, iBhabhele seliyinto esabekayo ezizweni!

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 “Yeka ukunqotshwa kweSheshaki nokubanjwa kwelaliludumo lwawo wonke umhlaba! Yeka ukwenziwa kweBabele isimangaliso phakathi kwezizwe!

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

41 Yathathwa kanjani iSesagi! nodumo lomhlaba wonke luyamangala! yeka ukuthi iBabiloni libe yisimangaliso kanjani phakathi kwezizwe!

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 51:41
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Le ndlu ephakeme kangaka, kuyothi bonke abedlula ngakuyo bakhexe imilomo, bathi: ‘Kungani uSimakade enze kanje kuleli lizwe nakule ndlu na?’


IBhabhele, udumo lwemibuso, igugu nokuzigqaja kwamaKhaledi, liyofana neSodoma neGomora lapho uNkulunkulu elichitha.


nihaye le ngoma, nedelele inkosi yaseBhabhele, nithi: “Yeka ukuphela komcindezeli nokuqedwa kokuqhosha!


wonke amakhosi asenyakatho, akude naseduze, yileyo naleyo, nayo yonke imibuso yezwe esebusweni bomhlaba; emva kwabo bonke, kuyophuza inkosi yaseSheshakhi.


Yeka ukushiywa komuzi odumileyo, umuzi wokuthokoza kwami!


Yeka ukunqunywa nokwephulwa kwesando somhlaba wonke, yeka ukwenziwa kweBhabhele incithakalo ezizweni!


Ngomsindo wokuthunjwa kweBhabhele, umhlaba uyakuthuthumela, umsindo wokukhala kwabo kalusizi, uyozwakala ezizweni.


IBhabhele liyakuba yizindunduma zamatshe, indawo ehlala amakhanka; incithakalo nento enximfelwayo, kungabi bikho ohlala khona.


Bonke abakhileyo eziqhingini, bamangala ngawe; amakhosi azo athuthumela, kwashwaqa izinwele ngenxa yovalo.


Ezindaweni zonke lapho abantwana babantu behlezi khona, izilwane zasendle nezinyoni zezulu uzinikele esandleni sakho, wenze ukuba ubuse phezu kwazo zonke. Wena uyikhanda legolide.


nguwe nkosi okhulile waqina, ngokuba ubukhulu bakho bukhulile, bufinyelele ezulwini, nokubusa kwakho kuze kube sekugcineni komhlaba.


Inkosi yathatha, yathi: “Angithi yileli Bhabhele elikhulu engilakhileyo ukuba libe yindlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami, libe ludumo lobukhosi bami na?”


Uyakuba yinto esabisayo, nesiga, nombhinqo phakathi kwezizwe zonke lapho uSimakade eyokunixoshela khona.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka