Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 40:7 - IsiZulu 2020

7 Bonke abakhuzi bempi ababesehlane namabutho abo, bezwa ukuthi inkosi yaseBhabhele ibeke uGedaliya, indodana ka-Ahikamu, ukuba abe ngumbusi ezweni, nokuthi inikele kuye abesilisa, abesifazane, abantwana, nezimpofana zezwe abangathunjelwanga eBhabhele;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Zonke izinduna zempi ezazisendle, zona nabantu bazo, sezizwile ukuthi inkosi yaseBabele imenzile uGedaliya indodana ka-Ahikamu umbusi ezweni nokuthi inikele kuye abesilisa, nabesifazane, nabantwana, nabayizimpofana bezwe abangathunjelwanga eBabele,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Lapho zonke izinduna zamabutho ezazisendle, zona namadoda azo, zizwa ukuthi inkosi yaseBhabhiloni yayimise uGedaliya, indodana ka-Ahikamu, ukuba abe umbusi wezwe, futhi iphathiswe kuye amadoda nabesifazane nabantwana. Nabampofu bezwe, nabangazange bathunjelwe eBabiloni;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 40:7
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha ababempofu balelo lizwe, induna yabalindi yabashiya ukuba banakekele izivini namasimu.


Wonke amabutho awufohla umuzi ngalobo busuku, abaleka ngendlela yesango elaliphakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi. AmaKhaledi ayewuzungeze nxazonke umuzi, amabutho ahamba ngendlela ese-Araba.


UNebuzaradani, induna yabalindi, wabashiya abantu abampofu ababengenalutho ezweni lakwaJuda, wabanika izivini namasimu ngalolo lusuku.


ukuba uJeremiya akhishwe egcekeni labalindi. Bamedlulisela kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani, ukuba amyise ekhaya; wayesehlala phakathi kwabantu.


Kwathi lapho uZedekiya, inkosi yakwaJuda, nawo wonke amabutho bebabona, baphulukundlela, babaleka ebusuku emizini, bahamba ngendlela yensimu yenkosi, ngesango eliphakathi kwezingange zombili; bahamba ngendlela eya e-Arabha.


Insali yabantu ababesemzini, namambuka ayehlubukele kuye, nalabo bantu ababesele kuNebuzaradani, induna yabalindi, wabathumbela eBhabhele.


Kwathi ngenyanga yesikhombisa u-Ishmayeli, indodana kaNethaniya ka-Elishama, ongowozalo lwasebukhosini futhi engomunye wezikhulu zenkosi kanye namadoda alishumi, bafika kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu eMizpha, badla khona ukudla ndawonye.


U-Ishmayeli wathumba bonke abantu ababesele eMizpha, amadodakazi enkosi nabo bonke abantu ababesele khona, uNebuzaradani induna yabalindi ayebanikele kuGedaliya indodana ka-Ahikamu, u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wabathumba, wahamba ukuze adlulele kwabakwa-Amoni.


Kwathi ukuba uJohanani, indodana kaKhareya, nabo bonke abakhuzi bempi ababenaye, bezwe ngobubi obenziwe ngu-Ishmayeli, indodana kaNethaliya,


abesilisa, abesifazane, izingane, amadodakazi enkosi, bonke abantu uNebuzaradani, induna yabalindi, ayebashiye kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani, uJeremiya umphrofethi, noBharukhi indodana kaNeriya,


Kepha uNebuzaradani, induna yabalindi, wabashiya abantu abathile bezwe, ababempofu, ukuba basebenze ezivinini nasemasimini.


“ ‘Bonke abantu bakulelo lizwe bayakuzibandakanya kulo mnikelo wesikhulu sakwa-Israyeli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka