Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 34:4 - IsiZulu 2020

4 “ ‘Kepha yizwa izwi likaSimakade, Zedekiya, nkosi yakwaJuda. Usho kanje uSimakade ngawe, uthi: awuyukufa ngenkemba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “ ‘Kepha yizwa izwi likaJehova, Sedekiya, nkosi yakwaJuda. Usho kanje uJehova ngawe, uthi: Awuyikufa ngenkemba;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Yizwa izwi likaJehova, Sedekiya, nkosi yakwaJuda! Nanku okutshiwo nguJehova ngawe: Kawuyikufa ngenkemba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 34:4
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UMikhaya wathi: “Ngakho-ke yizwani izwi likaSimakade: ngambona uSimakade ehleli esihlalweni sakhe sobukhosi, ibandla lonke lasezulwini limi ngakwesokunene nangakwesokhohlo sakhe.


Yizwani izwi likaSimakade nina ndlu kaJakobe, nani nonke mindeni yendlu ka-Israyeli.


Inkosi yaseBhabhele iyomyisa eBhabhele, uZedekiya, ahlale lapho ngize ngimjezise, kusho uSimakade; noma nilwa namaKhaledi, aniyukuphumelela.’ ”


Wena awuyukuphunyuka esandleni sayo; uyakubanjwa nokubanjwa, unikelwe esandleni sayo; niyakubonana ubuso nobuso nenkosi yaseBhabhele, nikhulume umlomo nomlomo; uyakuya eBhabhele.


Uyakufa ngokuthula; ushiselwe amakha njengalokhu ashiselwa amakhosi okuqala akwendulelayo. Bayokushisela amakha, bakulilele, bathi: “Maye nkosi!” Ngokuba Mina uqobo ngilikhulumile leli lizwi, kusho uSimakade.’ ”


“Yima esangweni lendlu kaSimakade, umemezele lapho leli lizwi, uthi: “ ‘Yizwani izwi likaSimakade, nina nonke bakwaJuda eningena ngalawa masango nizokhuleka kuSimakade.


Yizwani izwi likaSimakade nina bantu bakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade umangalela izakhamuzi zezwe, phela akukho kwethembeka, naqiniso, nalwazi ngoNkulunkulu ezweni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka