Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 30:8 - IsiZulu 2020

8 “ ‘Kuyakuthi ngalolo lusuku,’ kusho uSimakade Wamabandla, ‘ngephule ijoka entanyeni yabo, ngigqabule izibopho zabo, bangabe besabakhonza abafokazi,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “ ‘Kuyakuthi ngalolo suku,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngilaphule ijoka entanyeni yabo, ngigqabule izibopho zabo, abafokazi bangabe besabakhonzisa,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngokuba ngalolo suku, usho uJehova Sebawoti, ngiyakulaphula ijoka lakhe entanyeni yakho, ngigqabule izibopho zakho, abezizwe bangabe besamkhonza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 30:8
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wabakhipha ebumnyameni nasethunzini lokufa, wagqabula izibopho zabo.


Kuyothi ngalolo lusuku umthwalo wabo uyakususwa emahlombe akho, nejoka labo entanyeni yakho, ijoka liyonqamuka ngenxa yokunona.


USimakade uyoba nesihawu kuJakobe, abuye amkhethe u-Israyeli, amuphe ukuthula ezweni lakhe; nabafokazi bayozihlanganisa naye, banamathele endlini kaJakobe.


ukuthi ngiyolicoboshisa i-Asiriya ezweni lami, ngiligxobe ezintabeni zami; lisuswe kubantu bani ijoka lalo nomthwalo walo osemahlombe abo.”


Kuyothi lapho uSimakade eseniphumuzile ebuhlungwini, enhluphekweni, nasemsebenzini onzima ababenenzisa wona,


Ngokuba uyakunqamula ijoka lomthwalo wabo, nenduku esemahlombe abo, nentonga yocindezelayo, njengosuku mhla kunqotshwa abakwaMidiyani.


“Ngokuba kwasemandulo walephula ijoka lakho, wagqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyukukhonza.’ Ngokuba kuwo wonke amagquma aphakemeyo, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, walala njengesifebe.


Ngokuba bayakugqilazwa nabo yizizwe eziningi nangamakhosi amakhulu, ngiyakuphindisela kubo ngokwezenzo zabo nangokwemisebenzi yezandla zabo.”


usho kanje uSimakade kimi, uthi: “Zenzele izintambo namajoka, ukubeke entanyeni yakho,


Zonke izizwe ziyakumkhonza, yena nendodana yakhe, nendodana yendodana yakhe, kuze kufike isikhathi sokuwa kwezwe lakhe, izizwe eziningi namakhosi amakhulu ayomenza isikhonzi sawo.


Umphrofethi uHananiya wayeselisusa ijoka entanyeni yomphrofethi uJeremiya, waliphoqoza.


“Hamba ukhulume kuHananiya, uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: uwaphoqozile amajoka okhuni wenza amajoka ensimbi esikhundleni sawo.


Ngiyakubuyisela futhi kule ndawo uJekhoniya, indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nabo bonke abathunjwa bakwaJuda abaya eBhabhele, ngokuba ngizolephula ijoka lenkosi yaseBhabhele,’ ” kusho uSimakade.


Usuku luyakuba mnyama eThehafenehesi, lapho nginqamula khona amajoka aseGibhithe; nokuzikhukhumeza ngamandla alo kuyakuphela kulo. Liyakusitshekelwa yifu, kuthunjwe nabahlala emizaneni yalo.


Umuthi osendle uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi ukhiqize ukudla kwawo, zihlale zilondekile ezweni lazo; ziyakukwazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengizaphulile izikeyi zejoka lazo, futhi ngazihlenga esandleni salabo ababezenze izikhonzi zabo.


Manje-ke sengizoliphula ijoka elikuwe, ngigqashule izibopho zakho.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka