Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 3:24 - IsiZulu 2020

24 Nento eyihlazo iwuqedile umshikashika wokhokho bethu, kwasebusheni bethu; izimvu nezimbuzi zabo, nezinkomo zabo; namadodana abo namadodakazi abo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 UBosheti* uqedile umshikashika wawobaba kwasebusheni bethu, izimvu zabo, nezinkomo zabo, namadodana abo, namadodakazi abo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Ngokuba ihlazo liwuqedile umshikashika wawobaba kwasebusheni bethu; izimvu zabo, nezinkomo zabo, namadodana abo namadodakazi abo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 3:24
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba ngangobuningi bemizi yenu, bangako onkulunkulu bakho, Juda, nanjengomumo wemigwaqo eJerusalema, angako ama-althare eniwamisele le nto enengekayo, ama-althare enishisela kuwo uBhali impepho.’


Ngakhuluma kuwe kusakuhambela kahle, kepha wathi: ‘Ngeke ngilalele.’ Lokhu kungumkhuba wakho, kwasebusheni bakho; ukuba ungalilaleli izwi lami.


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: nikwenzelani lokhu okubi kangaka kinina uqobo, niqede kini abesilisa, abesifazane, izingane nabasancelayo kubaJuda, nize ningazishiyeli nansali na?


Ukuthimula kwamahhashi akhe kuzwakele kwaDani; umsindo wokukhala kwamahhashi akhe anamandla kuthuthumelise lonke izwe, ngokuba asefikile, aliqothula izwe nakho konke okukulo, umuzi nabakhileyo kuwo.”


mabasheshe basikhihlele isililo, ukuze amehlo ethu agobhoze izinyembezi, izinkophe zethu ziphophoze amanzi.


Wathatha nesinkwa sami engangikunike sona, impuphu ecolisekileyo, amafutha, noju engangikunike khona ukuba ukudle, wakubeka phambi kwazo, kwaba yiphunga elimnandi; kwaba kanjalo-ke,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


“ ‘ “Wathatha amadodana namadodakazi akho owawungizalele wona, wawahlabela zona ukuba azidle. Babubuncane yini ubufebe bakho na?


Uyakuzikhumbula izindlela zakho, ube namahloni, lapho wemukela odadewenu, omdala kunawe nomncane kunawe, ngikunike bona babe njengamadodakazi, kodwa hhayi ngenxa yesivumelwano sami nawe.


ukuba ukhumbule, ube namahloni, ungabe usawuvula umlomo wakho futhi, ngenxa yehlazo lakho, lapho sengikuthethelele konke okwenzileyo,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Liyakuthwalwa lisiwe e-Asiriya libe yisipho senkosi uJarebi; u-Efrayimi uyakwemukela ihlazo, u-Israyeli abe namahloni ngezeluleko zakhe.


Kepha ubengazi ukuthi yiMina obemhlinzeka ngokusanhlamvu, ngewayini elisha, ngesiliva, ngamandisela negolide, abakusebenzisa kuBhali.


“Ngamthola u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane, ngabona okhokho bakho njengolibo lomkhiwane emkhiwaneni lapho uqala. Kepha bafika eBhali Pheyori, bazinikela ehlazweni, baba ngokunengekayo njengalokho abakuthandayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka