Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 22:26 - IsiZulu 2020

26 Ngiyakukutshinga kwelinye izwe, wena nonyoko, izwe lapho ningazalelwanga khona; nifele lapho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Ngiyakukuzwibela kwelinye izwe, wena nonyoko owakuzalayo, lapho ningazalelwanga khona; niyakufela khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Futhi ngiyokuxosha wena nonyoko owakuzalayo niyise kwelinye izwe lapho ningazalelwanga khona; futhi lapho uyofela khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 22:26
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yathumba uJehoyakini, yamyisa eBhabhele, indlovukazi unina wenkosi, amakhosikazi enkosi, izinduna zayo, nezikhulu zezwe, bonke yabathumba besuka eJerusalema yabayisa eBhabhele.


UJehoyakini wayeneminyaka eli-18 ngesikhathi eba yinkosi, wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema. Igama likanina kwakunguNehushitha, indodakazi ka-Elinathani waseJerusalema.


Kwathi ngonyaka wama-37 athunjwa uJehoyakini, inkosi yakwaJuda, ngenyanga ye-12, ngosuku lwama-27 lwayo, u-Evili Merodaki, inkosi yaseBhabhele, ngonyaka wakhe wokuqala eyinkosi, wamkhulula ejele uJehoyakini, inkosi yakwaJuda.


Wamkhumula izingubo ayezigqoka ejele, wadla naye njalo, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.


Isabelo sakhe ayesiphiwa yinkosi, sasiyisabelo esimiyo semihla ngemihla, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.


“Bheka, wena mlisa, uSimakade uzokukulahla kude, kabuhlungu, uzakukubamba aqinise.


Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, ngalowo mzuzu ngiyozijwiba izakhamuzi zezwe, ngibacindezele ukuze bakuzwe lokho.”


Yisho enkosini nasendlovukazini eyizalayo, uthi: “Yehlani ezihlalweni zenu zobukhosi, ngokuba umqhele wenu wodumo ekhanda uwile.”


Ngakho-ke ngizonixosha kuleli lizwe, niye ezweni eningalaziyo, nina nokhokho benu. Lapho niyakukhonza abanye onkulunkulu imini nobusuku, ngokuba angiyukuniphatha ngobubele.’


Kepha abayukubuyela ezweni, abalangazelela ukubuyela kulo.”


Ngiyakubuyisela futhi kule ndawo uJekhoniya, indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nabo bonke abathunjwa bakwaJuda abaya eBhabhele, ngokuba ngizolephula ijoka lenkosi yaseBhabhele,’ ” kusho uSimakade.


Lokhu kwenzeka emveni kokuba inkosi uJekhoniya, indlovukazi emzalayo, izikhulu zasesigodlweni, izikhulu zakwaJuda nezaseJerusalema, izingcweti nabakhandi, sebesukile eJerusalema,


Akuyukuphunyuka namunye, akuyukusinda muntu ensalini yakwaJuda eye eGibhithe ukuyogogobala khona, ukuze ibuyele ezweni lakwaJuda, efisa ukubuyela kulo ukuze ihlale khona, ngokuba akuyukubuya muntu, kuphela ingcosana ephunyukile.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka