Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 22:11 - IsiZulu 2020

11 Ngokuba usho kanje uSimakade kuShalumi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, owaba yinkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, futhi owaphuma kule ndawo, uthi: “Akasayukubuyela lapha,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngokuba usho kanje uJehova ngoShalumi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, owaba yinkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, waphuma kule ndawo, ukuthi: “Akasayikubuyela lapha,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngokuba usho kanje uJehova ngoShalumi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, owabusa esikhundleni sikayise uJosiya, owasuka kule ndawo, uthi: akasayikubuyela khona;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 22:11
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Emihleni yokubusa kukaJosiya uFaro Nekho, inkosi yaseGibhithe, yakhuphukela enkosini yase-Asiriya ngasemfuleni iYufrathe. Inkosi uJosiya yakhuphuka ukuyoyihlangabeza; kwaba ukuyibona nje, yayibulala eMegido.


Izinceku zikaJosiya zasithatha ngenqola isidumbu sakhe eMegido, zasibuyisela eJerusalema, zasimbela edlinzeni layo. Abantu bezwe base bethatha uJehowahazi, indodana kaJosiya, bamgcoba, bambeka waba yinkosi esikhundleni sikayise.


UJehowahazi wayeneminyaka engama-23 lapho eba yinkosi, wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema. Igama likanina kwakunguHamuthali, indodakazi kaJeremiya waseLibhina.


UFaro Nekho wabeka u-Eliyakimi, enye indodana kaJosiya, waba yinkosi esikhundleni sikayise. Wamguqula igama kwaba nguJehoyakimi. Wamsusa uJehowahazi eRibhila wamyisa eGibhithe, waze wakhothamela khona.


UJosiya wazala amadodana amane: izibulo nguJohanani, eyesibili nguJehoyakimi, eyesithathu nguZedekiya, eyesine nguShalumi.


Kwase kusukuma izinhloko zabakwa-Efrayimi, u-Azariya indodana kaJohanani, uBherekhiya indodana kaMeshilemothi, uJekhizikiya indodana kaShalumi, no-Amasa indodana kaHadilayi, bamelana nalabo ababebuya empini,


UHilikiya nalabo ababethunywe yinkosi baya kuHulda umphrofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThokathi kaHazira, umgcinizingubo. Wayehlala eJerusalema engxenyeni yesibili; bakhuluma naye kanjalo.


Kepha abayukubuyela ezweni, abalangazelela ukubuyela kulo.”


Izwi likaSimakade elafika kuZefaniya, indodana kaKushi kaGedaliya, ka-Amariya kaHezekiya, ezinsukwini zokubusa kukaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, lathi:


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka