Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 21:13 - IsiZulu 2020

13 Bheka, ngimelene nani, nina enakhe esigodini, wena dwala lethafa, kusho uSimakade. Nina enithi: “ ‘Ngubani oyakwehla asihlasele na? Ngubani oyakungena ezindaweni esizifihle kuzo na?’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Bheka, ngimelene nawe, wena owakhileyo esigodini, wena litshe lasethafeni, usho uJehova, nina enithi: “Ngubani oyakusehlela, ngubani oyakungena ezindlini zethu, na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 “Bheka, nginakho ngawe wena ohlala esigodini nasedwaleni lasethafeni,” usho uJehova; othi: Ngubani ozakusamela? Ngubani oyakungena ezindlini zethu na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 21:13
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Njengalokhu izintaba zizungeze iJerusalema, noSimakade ubazungeze kanjalo abantu bakhe kusukela manje kuze kube phakade.


Basuka eSukhothi bakanisa e-Ethamu emngceleni wehlane.


Ngalolo lusuku uyoyitshela indodana yakho uthi: ‘Lokhu kungenxa yalokho uSimakade angenzela khona mhla ngiphuma eGibhithe.’ ”


Isiphrofetho ngesiGodi Sombono. Kwenzenjani nize nonke ngothi lwenu, nenyukele ophahleni lwendlu,


Intaba yami ezweni, impahla nengcebo yenu yonke ngiyakukunikela kube yimpango, kanye nezindawo zenu eziphakemeyo ngenxa yezono ezifundeni zenu zonke.


Mina ngiyakulwa nani ngesandla esiluliweyo, nangengalo enamandla, ngentukuthelo, ngokufutheka nangolaka olukhulu.


Ukwesabeka kwakho nokuziqhenya kwenhliziyo yakho kukudukisile, wena ohleli emifantwini yamadwala, esicongweni segquma. Noma isidleke sakho ungasakha phezulu njengokhozi; ngiyakwehlisa khona lapho,” kusho uSimakade.


“Bheka, ngimelene nawe ozikhukhumezileyo, ngokuba usuku lwakho selufikile, isikhathi sokujeziswa kwakho,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


“Bheka, ngimelene nawe ntaba ebhubhisayo,” kusho uSimakade, “wena obhubhisa umhlaba wonke; ngiyakwelula isandla sami ngikushaye, ngikugingqagingqe emadwaleni, ngikuphendule intaba eshisiweyo.


Ningethembeli emazwini angamampunge, uma kuthiwa: leli yithempeli likaSimakade, yithempeli likaSimakade, yithempeli likaSimakade.”


Amakhosi omhlaba, nazo zonke izakhamuzi zawo, azikholwanga ngukuthi izitha nabamelene neJerusalema babengangena emasangweni alo.


“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngenxa yokuba nikhulume okuyize, nabona okungamanga; ngalokho-ke, ngimelene nani, kusho iNkosi uSimakade.


uthi kulo: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, ngimelene nawe. Ngiyakuhosha inkemba yami emgodleni wayo, ngibulale abalungileyo nezikhohlakali.


isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bhekani-ke, ngimelene nabelusi, ngizozifuna izimvu zami esandleni sabo, ngenze ukuba bangabe besazelusa, futhi bangabe besaba ngogombela kwesabo. Ngizohlenga izimvu zami emlonyeni wabo, zingabe zisaba ngukudla kwabo.”


ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka Mina, yebo, Mina ngimelene nawe, ngizokwehlulela wena, izizwe zizibonela ngamehlo azo.


Izinhloko zalo zehlulela ngokugwazelwa, abaphristi balo bafundisa ngenxa yokukhokhelwa, nabaphrofethi babhula ngenxa yesiliva, bethembele kuSimakade, bethi: “Akekho yini phakathi kwethu uSimakade na?” Asiyukwehlelwa yinhlekele.


“Uyabona-ke, ngimelene nawe, ngiyakushisa izinqola zakho entuthwini, inkemba ibhuqabhuqe amawundlu akho, ngiyakuyiqeda nya inyamazane yakho ezweni, nephimbo lezithunywa zakho aliyukuphinde lizwakale,” kusho uSimakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka