Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 2:34 - IsiZulu 2020

34 Emiphethweni yezingubo zakho kufunyenwe igazi labampofu abangenacala, nanxa ungazange ubabhadame begqekeza. Phezu kwakho konke lokho,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Nasemiphethweni yakho kufunyenwe igazi labampofu abangenacala, kungabi ngukuthi ubafumene befohla. Kepha kukho konke lokhu

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Esigqebheni sakho kwafunyanwa igazi lemiphefumulo yabampofu abangenacala;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 2:34
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UManase futhi wachitha kakhulu igazi elingenacala waze wagcwalisa iJerusalema kusukela kulolu hlangothi kuya kolunye, ngaphandle kwesono sakhe onisa ngaso uJuda ngokwenza okubi emehlweni kaSimakade.


nangenxa yegazi elingenacala ayelichithile, wagcwalisa iJerusalema ngalo, lokho uSimakade akazange avume ukukuthethelela.


“Uma umuntu entshontsha inkabi noma imvu, bese eyihlaba noma ayithengise, uyokhokhiswa izinkabi ezinhlanu ngenkabi, nezimvu ezine ngemvu.


Uma isela libanjwe ligqekeza, liyoshaywa lize life, akuyukuba nacala legazi.


nina enisha yizinkanuko phakathi kwemi-okhi, phansi kwayo yonke imithi eluhlaza; enibulala abantwana ezigodini, phansi kwemifantu yamadwala na?


Izandla zenu zingcoliswe yigazi, neminwe yenu, yinkohlakalo; izindebe zemilomo yenu zikhulume amanga, nezilimi zenu zinyenyeza okubi.


Izinyawo zabo zigijimela ebubini; bayashesha ukuchitha igazi elingenacala; imicabango yabo iyimicabango yenkohlakalo; incithakalo nokubhujiswa kugcwele ezindleleni zabo.


Ngokuba bangihlubukile, baphatha le ndawo njengeyabezizwe, bashisela abanye onkulunkulu impepho kuyo, ababengabazi, bona nokhokho babo, namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala.


Uyilungisa kanjani indlela yakho uma ufuna uthando na?


Abanamahloni ngenxa yezinengiso abazenzileyo, abanamahloni nakancane, abakwazi nokukhophoza; ngalokho bayakuwela kulabo asebewile; ngesikhathi sokubajezisa kwami bayakukhubeka,” kusho uSimakade.


Bakhe izindawo eziphakemeyo eThofethi, esesigodini sendodana kaHinomu, ukuba bawashisele khona amadodana namadodakazi abo, into engingabayalanga ukuba bayenze, nengingakaze ngiyicabange.


ningacindezeli umfokazi, intandane nomfelokazi, ningachithi gazi elingenacala kule ndawo, futhi ningabalandeli abanye onkulunkulu, funa nilimale,


Kabanamahloni ngezinengiso abazenzileyo, kabanamahloni nakancane; abakhophozi, kabazi, ngakho-ke bayakuwela phakathi kwalabo asebewile; ngesikhathi sokujeziswa kwabo bayakukhubeka, kusho uSimakade.


Ukungcola kwalo kusemphethweni wezingubo zalo, alicabanganga ngomphumela wokona kwalo, liwile ngendlela emangalisayo, akekho ongaliduduza. Bheka Simakade, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sinqobile.


Babephuphutheka, bezulazula emigwaqweni, bengcoliswe yigazi ngangokuthi akekho owayengathinta izingubo zabo.


Lapho niletha iminikelo yenu, nidabulisa amadodana enu emlilweni, niyazingcolisa ngazo zonke izithombe kuze kube namuhla. Niyakubuza kimi yini, nina ndlu ka-Israyeli na? Qha, ngifunga ngiyagomela, ngeke ngibuzwe yini,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


“Kukhona uzungu lwabaphrofethi bawo abakuwo, olunjengengonyama ebhongayo edwengula impango. Badle abantu, bathatha ingcebo nokuyigugu, benza baba baningi abafokazi abakuwo.


Abantu abalungileyo bayakubehlulela ngokwehlulelwa kowesifazane ophingayo nangokwabesifazane abachitha igazi, ngokuba bayiziphingi, futhi negazi lisezandleni zabo.


“ ‘ “Ngokuba igazi elilichithile likuwo; lilichithele edwaleni elingenalutho; alilichithelanga emhlabathini ukuba limbozwe wuthuli.


Wathi kimi: “Ububi bendlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda bukhulu ngokwedlulele, izwe ligcwele igazi, nasemzini kudlange ukonakala, ngokuba bathi: ‘USimakade ulishiyile leli lizwe futhi akaboni.’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka