Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 17:11 - IsiZulu 2020

11 Owenza ingcebo ngokungalungi ufana nentendele echamusela ingazalelanga; iyakumshiya dengwane esaphile ingxenye nje yezinsuku zakhe, ekugcineni abe yisiwula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Intendele efukamela ingazalanga, unjalo owenza ingcebo ngokungalungi; iyakumshiya phakathi nezinsuku zakhe, abe yisiwula ngasekugcineni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Njengentende ehlezi phezu kwamaqanda, ingawachanyuseli; kanjalo ozuza ingcebo kungengenxa yokulunga uyakuyishiya phakathi kwezinsuku zakhe, abe yisiwula ekugcineni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 17:11
39 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Akusalanga lutho angaludlanga, ngakho-ke impumelelo yakhe ayinakuma.


Le ndlela yabo ingubuwula babo, balandelwa ngabathokozela amazwi abo. Sela


Wena Nkulunkulu uzobaphonsa emgodini ojulileyo abantu abomele igazi nabakhohlisayo; izinsuku zabo zokuphila aziyukuba ngisho nayingxenye yazo, kodwa mina ngizokwethemba Wena.


Ingcebo etholakala kalula iyancipha, kepha eqongelelwa kancane, kancane, iyanda.


Othola inzuzo ngokungafanele uhlupha umndeni wakhe, kepha ozonda ukufunjathiswa uyophila.


Ukuthola ingcebo ngolimi lwamanga kuyize elidlula njengomhwamuko nanjengezingibe zokufa.


Usathi phayiphayi amehlo, akusekho, ngokushesha sekumile amaphiko njengokhozi, kwajubalalela emazulwini.


Umbusi ongenakuqonda ungumcindezeli ononya, kodwa ozonda inzuzo engalungile uyophila isikhathi eside.


Owethembekileyo uyolandelwa yizibusiso, kepha oceba ngokushesha akayukuyekwa angajeziswa.


Umuntu onomona uyashesha ukuceba, kodwa akazi ukuthi ubuphofu buyakufika kuye.


Owandisa ingcebo ngenzalo nangenzuzo ethe xaxa, uyiqoqela onomusa kwabampofu.


“Maye, kowakha indlu yakhe ngokungalungi, namakamelo akhe aphezulu ngokungenabulungiswa, osebenzisa owezwe lakubo angamholeli, angamniki iholo ngomsebenzi wakhe,


“Kepha amehlo akho nenhliziyo yakho kusenzuzweni engalungile kuphela, ekuchitheni igazi elingenacala, ekucindezeleni, nasekwenzeni ubudlova.”


“Kusukela ezinganeni kuya kwabadala bakhona, bonke bazuza inzuzo engafanele, nabaphrofethi nabaphristi baqamba amanga.


Ngakho-ke ngizonika abafazi babo abanye, ngibaphuce amasimu abo; ngokuba kusukela ezinganeni kuya kwabadala, bonke bathola inzunzo engabafanele; nabo bonke abaphrofethi nabaphristi baqamba amanga.


“Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo,” kusho uSimakade. “Banqwabelela ubudlova nempango ezinqabeni zabo.”


Nixosha abesifazane babantu bami ezindlini abazithandayo; nithathe ezinganeni zabo inkazimulo yami yaphakade.


Izandla zabo zenza kahle okubi. Isikhulu sinesicelo, umehluleli ubheka umfumbathiso; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; benze itulo ngalokho.


Ngalolo lusuku ngiyakujezisa bonke abeqa umbundu, abagcwalisa izigodlo zamakhosi abo ngobudlova nangenkohliso.


‘Ngiyakusithumela, singene endlini yesela nasendlini yofunga amanga ngegama lami. Siyakuhlala phakathi endlini yakhe, siyishabalalise nezingodo zayo namatshe ayo.’ ”


“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.


“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Nani aningeni, kodwa abangenayo anibavumeli ukuba bangene.


“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Siwula ndini, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakuthathwa kuwe. Pho-ke ziyakuba ngezikabani lezi zinto ozilungisileyo na?’


Kodwa labo abathanda ukuceba, bawela esilingweni, ogibeni, nasezinkanukweni zobuwula eziningi ezilimazayo, ezikhalakathisela abantu ekufeni nasekubhujisweni,


okufanele bavalwe umlomo bathuliswe, abadunga wonke umndeni, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi.


Banamehlo agcwele ukulangazelela ukuphinga, futhi awakuyeki ukona. Bayenga ababuthakathaka, banenhliziyo eyejwayele ukuba nomhobholo, bangabantu abaqalekisiweyo.


futhi ngenxa yobugovu babo, bayakunihlukumeza ngamazwi obuqili. Ukulahlwa kwabo okwamenyezelwa kusukela emandulo akulibali, nokubhujiswa kwabo akozeli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka