Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 16:21 - IsiZulu 2020

21 “Ngakho-ke ngiyakubazisa, ngalesi sikhathi ngiyakubenza bazi isandla sami namandla ami, bayokwazi ukuthi igama lami nginguSimakade.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 “Ngalokho bheka, ngiyakubazisa, ngibazise ngalesi sikhathi isandla sami namandla ami, baze bazi ukuthi igama lami linguJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngakho-ke bheka, ngizabazisa ngalesi sikhathi, ngibazise isandla sami namandla ami; bazakwazi ukuthi ibizo lami linguJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 16:21
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguSimakade, ungoPhezukonke emhlabeni wonke.


USimakade uzibonakalisile, wenzile ukwehlulela ngezandla zakhe, ngokucekela phansi ababi. Sela


“Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, uyakubalandela, ukuze ngithole udumo ngoFaro nangempi yakhe yonke; abaseGibhithe bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.” Benza kanjalo.


USimakade uyindoda yempi, nguSimakade igama lakhe.


Ngabonakala ku-Abhrahama, ku-Isaka, nakuJakobe njengoNkulunkulu uSomandla, kodwa igama lami, ‘uSimakade’ angibazisanga lona.


Ngokuba Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho, oNgcwele ka-Israyeli uMsindisi wakho. IGibhithe ngilinikele laba yinhlawulo yakho; iKhushe neShebha esikhundleni sakho.


“Usho kanje uSimakade owenza umhlaba, wawubumba, wawumisa, nguSimakade igama lakhe, uthi:


UHezekeli uyakuba yisibonakaliso kini; niyakukwenza konke akwenzayo. Kuyakuthi lapho sekwenzekile lokhu, bese niyazi ukuthi Mina ngiyiNkosi uSimakade.” ’


Ngalolo lusuku umlomo wakho uyakuvulwa; wena uyakukhuluma nophunyukileyo, ungabe usaba yisimungulu. Uyakuba yisibonakaliso kubo, bayakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.”


Ngiyakuziphindiselela ku-Edomi ngesandla sabantu bami, u-Israyeli; bayakwenza kwa-Edomi ngokwentukuthelo yami nangokolaka lwami, bayakuyazi-ke impindiselo yami, kusho iNkosi uSimakade.” ’


Ababuleweyo bayowa phakathi kwenu, niyokwazi ukuthi Mina nginguSimakade.


lowo owenza isilimela nomthala, oguqula ubumnyama bube yintathakusa, aphendule ubusuku bube yimini, obiza amanzi olwandle, awathululele phezu komhlaba, igama lakhe nguSimakade,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka