Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 5:29 - IsiZulu 2020

29 Wayiqamba igama wathi nguNowa, ethi: “Lo nguyena ozosiphumuza emsebenzini wethu nasemshikashikeni wezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uSimakade.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Waqamba igama layo ngokuthi uNowa, ethi: “Lo uyakusiduduza emsebenzini wethu nasenkathazweni yezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uJehova.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Futhi wambiza ngokuthi uNowa futhi wathi: Uyosiduduza ngenxa yomsebenzi wethu kanye nokukhandleka kwezandla zethu ngenxa yomhlabathi uJehova awuqalekisileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 5:29
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi uLameki eseneminyaka eyi-182, wazala indodana.


Esezelwe uNowa, uLameki waphila iminyaka engama-595, waphinde wazala amadodana namadodakazi.


UNkulunkulu wakushaya wakuqothula konke okuphilayo ezweni: abantu nezilwane, nezilwane ezihuquzelayo nezinyoni zezulu, wakushaya wakuqothula emhlabeni. Kwasala kuphela uNowa nalabo ayenabo emkhunjini.


Kwathi lapho selidamukile iwayini kuNowa, wezwa ukuthi indodana yakhe encane yenzeni kuye,


“Lokho kimi kufana namanzi ezinsukwini zikaNowa: njengalokho ngafunga ukuthi amanzi kaNowa awasayukubuye awemboze umhlaba, kanjalo sengifungile ukuthi ngeke ngisakuthukuthelela, futhi ngeke ngikusole.


Noma ngabe bekukhona kulo lawa madoda amathathu: uNowa, uDaniyeli noJobe, bona bebeyakuyisindisa impilo yabo ngenxa yokulunga kwabo, kusho iNkosi uSimakade.


noma ngabe bekungaba khona uNowa, uDaniyeli, noJobe kulo, ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, bebengeke bakwazi ukusindisa amadodana namadodakazi awo, kodwa bebeyosindisa impilo yabo kuphela, ngenxa yokulunga kwabo.


Ngokuba njengasemihleni kaNowa, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.


kaKhenani, ka-Arifaksadi, kaShemu, kaNowa, kaLameki,


Ngokuba indalo yabekwa phansi kobuze, kungengentando yayo, kodwa ngentando yowayibekayo, ngethemba lokuthi,


Ngokukholwa, uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, ehlonipha uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, ngokwenza kanjalo wawehlulela umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.


kulabo abangalalelanga lapho uNkulunkulu ebalindele ngokubekezela emihleni kaNowa, umkhumbi usakhiwa, okwasindiswa abayingcosana, abayisishiyagalombili ababekuwo, ngawo amanzi.


engawuyekanga nomhlaba wasemandulo, kodwa walondoloza uNowa, ummemezeli wokulunga, owayengowesishiyagalombili emkhunjini, mhla ehlisa uzamcolo emhlabeni walabo ababengamesabi uNkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka