Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UGenesise 49:26 - IsiZulu 2020

26 Izibusiso zikayihlo ziqinile kunezibusiso zokhokho bami, zifinyelela ezintabeni zaphakade. Sengathi lezi zibusiso, zingehlela ekhanda likaJosefa, nasebunzini lakhe owehlukaniswa kubafowabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Izibusiso zikayihlo zinamandla kunezibusiso zawokhokho bami, kuze kube semkhawulweni wokugcina wezintaba ezimiyo; ziyakuba phezu kwekhanda likaJosefa phakade, nasokhakhayini lwakhe owahlukaniswa nabafowabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Izibusiso zikayihlo zedlula izibusiso zabokhokho bami kuze kube semkhawulweni wezintaba zaphakade; ziyakuba sekhanda likaJosefa nasokhakhayini lwekhanda lalowo owahlukaniswa nabafowabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 49:26
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi lapho kwedlula abahwebi bakwaMidiyani, bamkhipha uJosefa emgodini, bamthengisa kwabakwa-Ishmayeli ngezinhlamvu zesiliva ezingama-20, ababe sebemthatha bahamba, baya naye eGibhithe.


Abafowabo bathi kuye: “Usho ukuthi uzoba yinkosi yethu usibuse na?” Yabhebhetheka kakhulu inzondo kubafowabo ngenxa yamaphupho namazwi akhe.


“UBhenjamini uyimpisi entwengulayo; ekuseni udla akubambileyo, kusihlwa ahlukanise akuphangileyo.”


Izitha zalo ngiyozithela ngehlazo, kepha kuye, umqhele wakhe uyokhazimula.”


Abozalo lwakhe bayakuma kuze kube phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengelanga phambi kwami.


Yebo, izintaba zingasuswa, namagquma azanyazanyiswe, kodwa umusa wami awuyukusuka kuwe, nesivumelwano sami sokuthula asiyukususwa,” kusho uSimakade okuhawukelayo.


Lalelani izwi likaSimakade nina enithuthumela ngezwi lakhe. “Izihlobo zenu ezinizondayo, ezinivalela ngaphandle ngenxa yegama lami, zishilo zathi: ‘Makadunyiswe uSimakade, ukuze sibone intokozo yenu,’ kodwa zona ziyojabhiswa.


Ngazika ngafinyelela ezisekelweni zezintaba, endaweni yabafileyo. Izinsika zomhlaba zangivalela phakade; kepha Wena, Simakade Nkulunkulu wami, wayophula impilo yami emgodini.


Uyama, azamazamise umhlaba; uyabuka, athuthumelise izizwe; izintaba zakudala ziyabhidlizwa, namagquma asemandulo ayakhothama, yizindlela zakhe zaphakade.


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma owesilisa noma owesifazane enza isithembiso esilukhuni sokuba ngumnaziri, abe ngumnaziri kuSimakade,


“Okhokho baba nomhawu ngoJosefa, base bethengisa ngaye eGibhithe, kodwa uNkulunkulu wayenaye.


Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, osibusisile ezulwini kuKhristu ngaso sonke isibusiso sokomoya;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka