Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UGenesise 36:7 - IsiZulu 2020

7 Impahla yabo yayisiningi kakhulu ukuthi babengakwazi ukuqhubeka bahlale ndawonye. Izwe ababehlezi kulo lalingasabeneli bobabili ngenxa yemfuyo ababenayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngokuba imfuyo yabo yayiyinkulu kunokuba bahlale ndawonye, nezwe lokugogobala kwabo lalingenakubathwala ngenxa yemfuyo yabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngokuba ingcebo yabo yayingaphezu kokuba bangahlala ndawonye; nezwe ababengabafokazi kulo lalingenakulithwala ngenxa yemfuyo yabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 36:7
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ULothi wazikhethela lonke ithafa eliseJordani, wayeselibhekisa ngasempumalanga. Ehlukana kanjalo-ke lawa madoda amabili.


Izwe ababehlezi kulo lalingasabenele, ngoba imfuyo yabo yabe seyande kakhulu kangangokuthi babengeke besakwazi ukuhlala ndawonye.


Ngikunika lonke iKhanani ongumfokazi kulo njengamanje, libe yifa lakho laphakade nelezizukulwane zakho, ngibe nguNkulunkulu wazo.”


Sengathi uNkulunkulu anganika wena, nezizukulwane zakho isibusiso sika-Abhrahama, ukuze ulidle leli lizwe ohlezi kulo manje njengomfokazi; izwe uNkulunkulu alinika u-Abhrahama.”


Ngokuba singabafokazi phambi kwakho, nezihambi njengabo bonke okhokho bethu; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, nethemba alikho.


“Simakade, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe ekunxuseni kwami, izinyembezi zami mazingakuniki ukuthula. Ngokuba kuwe ngingumfokazi, isihambi, njengokhokho bami.


Ningakhi zindlu, ningahlwanyeli mbewu, ningatshali sivini, futhi ningabi naso, ngokuba niyakuhlala emathendeni zonke izinsuku zokuphila kwenu ukuze niphile isikhathi eside ezweni lapho nigogobele khona.’


Ngokukholwa, waba ngumfokazi ezweni lesithembiso, izwe angalazi, ehlala emathendeni beno-Isaka noJakobe, ababeyizindlalifa kanye naye zaleso sithembiso,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka