Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UGenesise 28:18 - IsiZulu 2020

18 UJakobe wavuka ekuseni, wathatha lelo litshe abeqamele kulo, walimisa laba yinsika, wathela amafutha esihlokweni salo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 UJakobe wavuka ekuseni, walithatha itshe abelibeke phansi kwekhanda lakhe, walimisa laba yinsika, wathela amafutha esihlokweni salo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 UJakobe wavuka ekuseni kakhulu, wathatha itshe abelibeke emcamelweni wakhe, walimisa laba yinsika, wathela amafutha phezu kwalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 28:18
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abhrahama wavuka ngovivi, wathatha isinkwa nemvaba yamanzi wakunika uHagari, wayesemethwesa khona ehlombe, wamkhomba indlela benomfana. Owesifazane wazulazula ehlane eBheri Sheba.


U-Abhrahama wavuka ekuseni ngovivi, wabophela imbongolo yakhe, wathatha izinceku zakhe ezimbili, no-Isaka indodana yakhe. Wacanda izinkuni zomhlatshelo wokushiswa, maqede wangena indlela, waya lapho uNkulunkulu emyalele khona.


Kwathi angafika endaweni ethile selishonile ilanga, wahlala lapho lobo busuku. Wathatha elinye lamatshe akuleyo ndawo waqamela kulo, walala.


NginguNkulunkulu waseBhethele lapho wagcoba khona insika, wenza nesifungo kimi. Manje suka, uphume kuleli lizwe ubuyele ezweni owazalelwa kulo.’ ”


UJakobe wathatha itshe walimisa laba yinsika.


UJakobe wayesemisa insika lapho uNkulunkulu ayekhulume naye khona, insika yetshe, wathela amafutha kuyo, wathela nomnikelo wokuphuzwayo.


UJakobe wamisa insika phezu kwethuna likaRaheli, lelo thuna liselapho kuze kube namuhla.


U-Absalomu esaphila wayethathe insika, wazimisela yona eSigodini seNkosi, ngokuba wathi: “Anginandodana ezovusa igama lami.” Wayiqamba insika ngegama lakhe; isabizwa ngokuthi yisikhumbuzo sika-Absalomu, kuze kube namuhla.


Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho.


Noma yini isandla sakho esiyitholayo yenze ngamandla akho wonke, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


Ngalolo lusuku kuyoba khona i-althare likaSimakade phakathi nezwe eGibhithe, nensika kuSimakade emngceleni walo.


Kwathi ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa ithabanakeli, waligcoba, walingcwelisa nayo yonke impahla yalo; wagcoba, wangcwelisa i-althare, nazo zonke izitsha zalo.


UJoshuwa wamisa amanye amatshe ali-12 phakathi nomfula iJordani, endaweni lapho izinyawo zabaphristi ababethwele umphongolo wesivumelwano zazimi khona. Asekhona lapho kuze kube namuhla.


USamuweli wathatha itshe, walimisa phakathi kweMizpha neSheni. Waliqamba wathi yi-Ebheni Ezeri, ethi: “USimakade usisizile kwaze kwaba lapha.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka