Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UGenesise 25:6 - IsiZulu 2020

6 kodwa amadodana ezancinza zakhe, u-Abhrahama wawanika izipho esaphila, wayeseyawaqhelisa endodaneni yakhe u-Isaka, aya ngasempumalanga, empumalanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kepha amadodana ezancinza zika-Abrahama u-Abrahama wawanika izipho nje, wawamukisa ku-Isaka indodana yakhe esekhona, aye ngasempumalanga ezweni lasempumalanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kepha amadodana ezancinza u-Abrahama ayenazo, u-Abrahama wanika izipho, wawamukisa ku-Isaka indodana yakhe esekhona, aye ngasempumalanga, ezweni lasempumalanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 25:6
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kuthe lapho u-Abhrama esehlale iminyaka elishumi eKhanani, uSarayi umkakhe wathatha incekukazi yakhe uHagari, umGibhithe, wayinika umyeni wakhe ukuba ibe ngumkakhe.


U-Abhrahama wavuka ngovivi, wathatha isinkwa nemvaba yamanzi wakunika uHagari, wayesemethwesa khona ehlombe, wamkhomba indlela benomfana. Owesifazane wazulazula ehlane eBheri Sheba.


U-Abhrahama wabuye wathatha enye inkosikazi okuthiwa nguKethura.


UJakobe waqhubeka nohambo lwakhe, waze wayofika ezweni labantu basempumalanga.


Wamnika uBhiliha, isisebenzi sakhe saba yisancinza sakhe, uJakobe walala naye.


ULeya esebona ukuthi usemile ukuzala, wathatha isisebenzi sakhe uZilipha wasinikela kuJakobe ukuba sibe yisancinza sakhe.


Ngalobo busuku wavuka, wathatha amakhosikazi akhe omabili, nezancinza zakhe zombili, namadodana akhe ayi-11, wabawelisa izibuko lomfula iJabhoki.


Kwathi u-Israyeli esehleli kulelo lizwe, uRubeni walala noBhiliha isancinza sikayise. Uyise u-Israyeli wezwa ngaleyo ndaba. UJakobe wayenamadodana ali-12.


URehobhowamu wamthanda uMahakha, indodakazi ka-Absalomu, ukwedlula bonke abafazi bakhe nezanciza zakhe; wayeganwe ngabafazi abali-18 nezancinza ezingama-60. Wazala amadodana angama-28, namadodakazi angama-60.


Kwakukhona indoda e-Uzi egama layo kwakunguJobe; leyo ndoda yayingenasici; iqotho, imesaba uNkulunkulu, futhi ikugwema okubi.


Yayinezimvu eziyizi-7 000 namakameli ayizi-3 000, nezinkabi ezingamabhangqa angama-500 nezimbongolo zezinsikazi ezingama-500 nezisebenzi eziningi kakhulu. Leyo ndoda yayiyisikhulu esiphezulu kunabo bonke abantu basempumalanga.


ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini. Ngokuba Yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula yakhe phezu kwabalungileyo nabangalungile.


Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle; waninika imvula yasezulwini ngezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokunjalo.”


Umukhwe wakhe, uyise wentombi, wambambezela, ngakho-ke wahlala izinsuku ezintathu; bedla, bephuza, behlala lapho.


Ngokuba njalo lapho abakwa-Israyeli sebelimile, abakwaMidiyani nama-Amaleki nezinye izizwe zasempumalanga babekhuphuka, babahlasele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka