Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UGenesise 19:37 - IsiZulu 2020

37 Indodakazi endala yazala umfana yamqamba yathi nguMowabi. Nguyena ongukhokho wesizwe sakwaMowabi nanamhlanje.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 Enkulu yazala indodana, yaqamba igama layo ngokuthi uMowabi; lowo unguyise wabakwaMowabi kuze kube namuhla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

37 Eyokuqala yazala indodana, yaqamba igama layo ngokuthi uMowabi; unguyise wamaMowabi kuze kube namuhla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 19:37
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ULothi wawakhulelisa omabili amadodakazi akhe.


Yenza kubo njengakuMidiyani, nakuSisera nakuJabhini ngasemfuleni iKishoni,


“Ngiyizwile inhlamba yabakwaMowabi, namazwi ayiziswana abakwa-Amoni abathuke ngawo abantu bami, bazandisele imingcele ezweni labo.


Maye kuwe, Mowabi! Nibhubhile nina bantu bakaKhemoshi. Wenze amadodana akhe aba ngabakhoseli, amadodakazi akhe aba ngabathunjwa benkosi yama-Amori, uSihoni.


Akothi lapho ususeduze nabakwa-Amoni, ungabakhathazi, ungalwi nabo, ngokuba angiyukukunika izwe labakwa-Amoni libe yifa lenu, lokhu ngibanike lona abozalo lukaLothi libe yifa labo.’ ”


“USimakade wayesethi kimi: ‘Ungamkhathazi uMowabi, ungabahlaseli ukuba ulwe nabo, ngokuba angiyukukunika izwe lakhe libe yifa lakho, njengalokhu ngabanika lona abozalo lukaLothi, i-Ari, libe yifa labo.’ ”


“Owakwa-Amoni nowakwaMowabi abayukungena ebandleni likaSimakade, yebo, akukho namunye kubo oyakungena ebandleni likaSimakade kuze kube sesizukulwaneni seshumi, kuze kube phakade.


NoRuthi wakwaMowabi umkaMahaloni ngimngenile ukuba abe ngumkami, ngivuse igama likamufi nefa lakhe ukuze angacinywa ezincwadini zomuzi nasemndenini. Namuhla nonke ningofakazi.”


Lapho uSawule esewuthathile umbuso kwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe ezazimzungeze nxazonke: abakwaMowabi, abakwa-Amoni, abakwa-Edomi, amakhosi aseZobha namaFilisti; noma kuphi lapho ayeya khona wayefike avale ngehlahla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka