Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 9:34 - IsiZulu 2020

34 UFaro wabona ukuthi imvula, ukuduma nesichotho sekunqamukile, wabuye wona futhi, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, yena nezikhulu zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 UFaro esebonile ukuthi imvula nesichotho nokuduma sekunqamukile, wabuye wona, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, yena nezinceku zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Lapho uFaro ebona ukuthi imvula nesichotho nokuduma kunqamukile, waqhubeka wona futhi wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, yena nezinceku zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 9:34
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngesikhathi sokuhlushwa kwakhe, inkosi u-Ahazi yaqhubeka yenza okubi kuSimakade.


Akazithobanga phambi kukaSimakade njengoba kwazithoba uManase, uyise, kodwa yena u-Amoni wenza okubi okuningi.


Wayihlubuka futhi nenkosi uNebukhadinezari eyayimfungisile ngoSimakade, wayenza lukhuni intamo yakhe, nenhliziyo yakhe wayenza lukhuni, akaze aphendukela kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


USimakade wathi kuMose: “Lapho usubuyele eGibhithe, qikelela ukuthi uzenze zonke izimangaliso phambi kukaFaro engakunika amandla okuba uzenze, kodwa ngiyoyenza lukhuni inhliziyo yakhe, ukuze angabavumeli abantu ukuba bahambe.


USimakade wathi kuMose: “Inhliziyo kaFaro ilukhuni; uyenqaba ukuvumela abantu ukuba bahambe.


Kepha lapho uFaro ebona ukuthi uthole ikhefu, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, akaze abalalela njengalokhu ayeshilo uSimakade.


UMose waphuma emzini kaFaro, welulela izandla zakhe kuSimakade; kwase kunqamuka ukuduma, nesichotho, nemvula, lasa.


Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni akabavumelanga abantu bakwa-Israyeli ukuba bahambe, njengoba uSimakade ayeshilo ngoMose.


Ngenxa yobubi obenziwa bungehlulelwa masinyane, izinhliziyo zabantu ngaphakathi zigcwele ukwenza okubi.


Nizenzeleni lukhuni izinhliziyo zenu, njengoba kwenza abaseGibhithe noFaro, abazenza lukhuni izinhliziyo zabo na? Lapho esebashaye kanzima, ababavumelanga yini ukuba bahambe na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka