Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 40:10 - IsiZulu 2020

10 Uyakugcoba ne-althare lomnikelo wokushiswa nayo yonke impahla yalo, ulingcwelise i-althare, ukuze i-althare libe ngcwelengcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ugcobe i-altare lomnikelo wokushiswa nezinto zalo zonke, ulingcwelise i-altare, i-altare libe ngcwelengcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kumelwe ugcobe i-altare lomnikelo wokushiswa nazo zonke izinto zalo ungcwelise i-altare, libe i-altare elingcwelengcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 40:10
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uyokungcwelisa ukuze kube ngcwele kakhulu; konke okuzithintayo kuyakuba ngcwele.


Uyakugcoba umcengezi nesinqe sawo, uwungcwelise.


UMoya kaSimakade uyohlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uSimakade.


UMoya weNkosi uSimakade uphezu kwami, ngokuba uSimakade ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo zaphukile, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokudedelwa kweziboshwa ejele.


Akuyukubhakwa ngemvubelo. Ngikumisile kube yisabelo sabo eminikelweni yami yomlilo; kungcwelengcwele njengomnikelo wesono nomnikelo wecala.


Wafafaza ngamanye i-althare kasikhombisa, waligcoba i-althare nazo zonke izitsha zalo, nomcengezi nesinqe sawo, ukuba kungcweliswe.


Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke lo ongcwele, ozakuzalwa, uzakubizwa ngokuthi yiNdodana kaNkulunkulu.


Ngenxa yabo ngiyazingcwelisa, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso.


Othunywe nguNkulunkulu ukhuluma amazwi kaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu umuphe ngokupheleleyo uMoya.


Kepha ngoNkulunkulu, nikuJesu Khristu owenzelwe thina, waba ngukuhlakanipha kwethu okuvela kuNkulunkulu nokulunga, nokungcweliswa kanye nokuhlengwa,


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuYena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


Ngokuba umphristi omkhulu onjengaye usifanele thina; ongcwele, ongenacala, ongenasici, owehlukanisiwe kwabayizoni, owenziwe waphakama phezu kwamazulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka