Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 27:19 - IsiZulu 2020

19 Zonke izimpahla ezisetshenziswa ethabanakelini, izikhonkwane zakhona nazo zonke ezasegcekeni mazenziwe ngethusi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Izimpahla zonke zetabernakele enkonzweni yalo yonke nezikhonkwane zalo zonke nezikhonkwane zegceke azibe ngezethusi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Zonke izitsha zetabernakele enkonzweni yalo, nezikhonkwane zalo zonke nezikhonkwane zonke zegceke ziyakuba ngethusi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 27:19
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Kepha manje uSimakade uNkulunkulu wethu usenzele umusa okwesikhashana, washiya insali, wasenza saba nesabelo endaweni yakhe engcwele ukuze akhanyise amehlo ethu, asinike ikhefu, asophule ebugqileni bethu.


Ubude begceke buyokuba ngamakhubhithi ayikhulu, ububanzi bube ngangama-50, ukuphakama kube ngamakhubhithi ayisihlanu, kube namakhethini elineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, nezisekelo zibe ngezethusi.


“Uyobayala futhi abantu bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha omnqumo acwengekileyo, agxotshelwe ukukhanyisa, ukuze izibani zihlale zivutha njalo.


Uyokwenza izitsha zalo zokubutha umlotha, amafosholo alo, izitsha zalo, izimfologo zalo, nemicengezi yalo yomlilo, uyozenza zonke izimpahla zalo ngethusi.


izikhonkwane zethabanakeli, ezegceke, izintambo zazo,


Zazilithusi macala wonke zonke izikhonkwane zethabanakeli nezegceke.


zonke izisekelo ezizungeze igceke, nezesango legceke, nazo zonke izikhonkwane zethabanakeli nxazonke zegceke.


amakhethini egceke, izinsika nezisekelo zalo, ikhethini elihenqa isango legceke, izintambo zalo, izikhonkwane zalo, nakho konke okusetshenziselwa inkonzo yethabanakeli ethendeni lokuhlangana,


Amazwi abahlakaniphile anjengezincijo, anjengezikhonkwane ezishayelwe zagxila, anjalo namazwi aqoqwe ngumalusi munye.


Bheka, iZiyoni umuzi wemikhosi yethu emisiweyo. Amehlo akho ayakubona iJerusalema, indlu yokuthula, ithende elingenakususwa, okungekho muntu ongabhongcula izikhonkwane zalo, nezintambo zalo akuyukugqashulwa nanini.


Kuyena kuyakuvela itshe legumbi, kuvele isikhonkwane, kuvele umnsalo wempi, kuvele nababusi bonke ndawonye.


Babebuye banakekele izinsika zegceke nxazonke, izisekelo, izikhonkwane, nezintambo zalo.


izinsika zegceke nxazonke, izisekelo zalo, izikhonkwane zalo, izintambo zalo, impahla yalo yonke, nomsebenzi walo wonke, niyoyisho ngamagama impahla okufanele bayithwale.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka