Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 23:18 - IsiZulu 2020

18 “Awuyukuletha kimi igazi lomhlatshelo wami nanoma yini okunemvubelo, noma ugcine amanoni omkhosi wami kuze kube ngakusasa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “Awuyikunikela ngegazi lomhlatshelo wami kanye nesinkwa esivutshelweyo. Amanoni omkhosi wami awayikusala bonke ubusuku kuze kuse.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ungalethi igazi lesinkwa sami kanye lesinkwa esivutshelweyo; namanoni omhlatshelo wami akayikusala kuze kuse.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 23:18
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Makungasali lutho lwalo kuze kuse, okuyosala kuze kube sekuseni niyokushisa ngomlilo.


Niyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa. Ngosuku lokuqala niyakukhipha imvubelo ezindlini zenu, ngokuba lowo oyokudla isinkwa esinemvubelo kusukela osukwini lokuqala kuze kube lusuku lwesikhombisa uyodingiswa kwa-Israyeli.


Bayakulidla iwundlu ngalobo busuku; bayakulidla losiwe emlilweni nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo.


UMose wathi kubo: “Makungabi bikho okushiyayo kuze kube sekuseni.”


Uma kusale inyama yokugcotshwa noma kusale isinkwa kwaze kwaba sekuseni, kuyokushiswa ngomlilo lokho okuseleyo, kungadliwa, ngokuba kungcwele.


“Awuyukunikela ngegazi lomhlatshelo wami nesinkwa esinemvubelo. Umhlatshelo womkhosi wephasika awuyukuhlala kuze kuse.


“ ‘Umnikelo wokusanhlamvu eninikela ngawo kuSimakade awuyukwenziwa ngokunemvubelo, ngokuba aniyukushisa imvubelo noju kube ngumnikelo womlilo kuSimakade.


“ ‘Uma enikela ngawo ube ngumnikelo wokubonga, uyakuwunikela uhambisana nomnikelo wokubonga wamaqebelengwane angenamvubelo axutshwe namafutha, namakhekheba angenamvubelo agcotshwe ngamafutha, namaqebelengwane empuphu ecolisekileyo exutshwe namafutha.


Inyama yomnikelo wakhe wokubonga ukuthula iyodliwa ngosuku anikele ngalo; akuyukushiywa lutho lwayo kuze kube sekuseni.


Akuyukubonakala mvubelo kuwe endaweni yakho yonke, izinsuku eziyisikhombisa. Akuyukuba bikho nyama yomhlatshelo eyakusala ngosuku lokuqala kusihlwa, kuze kube ngakusasa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka