Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 16:25 - IsiZulu 2020

25 UMose wathi: “Kudleni namuhla, ngokuba namuhla yisabatha kuSimakade, namuhla anizukukuthola endle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Wayesethi uMose: “Yidlani lokhu namuhla, ngokuba namuhla kuyisabatha likaJehova; namuhla aniyikukuthola endle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Wayesethi uMose: “Yidlani namuhla; ngoba namuhla kuyisabatha leNkosi; namuhla aniyikuyithola endle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 16:25
5 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wabazisa ngeSabatha lakho elingcwele, wabashayela imithetho, izimiso nemiyalelo ngenceku yakho uMose.


wathi kubo: “USimakade ukhulumile wathi: ‘Kusasa lusuku lokuphumula, usuku olungcwele kuSimakade, bhakani enifuna ukukubhaka, nibilise enifuna ukukubilisa, okuseleyo kubekeni kuze kube sekuseni.’ ”


Bakubeka kwaze kwaba sekuseni, njengalokhu uMose ayebayalile; akunukanga, futhi akuzange kube nezimpethu.


Nizokubutha izinsuku eziyisithupha, kodwa kuthi ngolwesikhombisa oluyisabatha kungabi bikho.”


Bhekani, uSimakade uninike isabatha, ngakho-ke ngosuku lwesithupha uyaninika ukudla okwanele izinsuku ezimbili, hlalani yilowo nalowo endaweni yakhe, kungaphumi noyedwa endaweni yakhe ngosuku lwesikhombisa.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka