Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 16:20 - IsiZulu 2020

20 Abantu nokho abamlalelanga uMose, abanye bashiya ingxenye kwaze kwaba sekuseni, yabola yaphethuka izimpethu, yanuka. UMose wabathukuthelela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Kodwa abamlalelanga uMose; abanye kubo bashiya okunye kwaze kwasa, kwazala izimpethu, kwanuka, uMose waze wabathukuthelela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Kepha abamlalelanga uMose; kepha enye yasala kukho kwaze kwasa, yazala izimpethu, yanuka; uMose wabathukuthelela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 16:20
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UMose wathi kubo: “Makungabi bikho okushiyayo kuze kube sekuseni.”


Njalo ekuseni kwaba yilowo nalowo wabutha ngangokwesidingo sakhe, kodwa lapho seliphakeme ilanga, kwakuncibilika.


Bakubeka kwaze kwaba sekuseni, njengalokhu uMose ayebayalile; akunukanga, futhi akuzange kube nezimpethu.


Kepha uMose wayengumuntu omnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.


UMose wathukuthela kakhulu, wathi kuSimakade: “Ungawunaki neze umnikelo wabo; angithathanga nayinye imbongolo yabo, futhi angilimazanga namunye kubo.”


“Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho inokoniwa khona yinundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe.


UJesu ekubona lokho wathukuthela, wathi kubo: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.


UJesu waqalaza nxazonke ebabuka, ethukuthele, edabukile kakhulu ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo. Wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe.


UJesu wayesethi kubo: “Qaphelani, nilwexwaye lonke uhlobo lokuhaha, ngokuba ukuphila komuntu akumisiwe ngubuningi bomcebo wakhe.”


Thengisani ngeninakho, nabele abampofu, nizenzele izikhwama zemali ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini; lapho kungasondeli khona sela nanundu, ukuba yone.


Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.


Maningaphili ngokuthanda imali, yaneliswani ngeninakho, ngokuba Yena ushilo wathi: “Angisoze ngakulahla, futhi angisoze ngakushiya,”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka