Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 31:11 - IsiZulu 2020

11 lapho wonke u-Israyeli eze ukubonakala phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho endaweni Yena ayoyikhetha, uyofunda lo mthetho phambi kuka-Israyeli wonke elalele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 lapho wonke u-Israyeli efike ukubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha, wofunda lo mthetho phambi kuka-Israyeli wonke ezindlebeni zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Lapho wonke u-Israyeli efika ukubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha, kumelwe ufunde lo mthetho phambi kuka-Israyeli wonke ezindlebeni zabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 31:11
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Niyogcina zonke izimiso, izehlulelo, umthetho, nemiyalo anilobela khona, futhi niyoqikelela ukuba nikwenze. Ningabesabi abanye onkulunkulu.


Inkosi yenyukela endlini kaSimakade, bonke abantu bakwaJuda, nababakhe eJerusalema bekanye nayo, nabaphristi nabaphrofethi, yebo, bonke abantu, abancane nabadala, yafunda wonke amazwi encwadi yesivumelwano eyayitholakele endlini kaSimakade, bonke abantu bezwa.


Ngosuku olulandelayo, zonke izinhloko zemindeni, abaphristi nabaLevi, beza ku-Ezra, umbhali, ukuze abafundise kabanzi amazwi omthetho.


Nsuku zonke, kusukela osukwini lokuqala lomkhosi kuze kube ngolokugcina, wayefunda encwadini yomthetho kaNkulunkulu. Bawugubha izinsuku eziyisikhombisa, kwathi ngosuku lwesishiyagalombili bahlangana, ukuze bawuvale ngesizotha umkhosi njengoba kubekwe emthethweni.


Bama ezindaweni zabo, kwase kufundwa umthetho kaSimakade uNkulunkulu wabo, kwathatha ingxenye yosuku; ngenye ingxenye yosuku bavuma izono zabo, badumisa uSimakade uNkulunkulu wabo.


Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eZiyoni.


Ngokuba ngiyozixosha izizwe phambi kwakho, ngandise imingcele yakho, akukho muntu oyonxanela izwe lakho lapho ukhuphuka ukuyobonakala kathathu ngonyaka phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho.


Kuthe usufundiwe umthetho nabaphrofethi, abaphathi besinagoge bathumela kubo, bathi: “Madoda, bazalwane, uma ninezwi lokugqugquzela abantu, likhulumeni.”


Ngokuba kusukela ezizukulwaneni zasendulo, kuyo yonke imizi, bakhona abashumayela ngoMose, ngokuba kuyafundwa masabatha wonke, kuwo wonke amasinagoge.”


Kuyokuthi indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale kuyo igama lakhe, nikuyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, imihlatshelo yenu, okweshumi kwenu, umnikelo wokuphakanyiswa womkhiqizo wenu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa uSimakade.


kodwa niyonikela ngeminikelo yenu yokushiswa endaweni uSimakade ayakuyikhetha kwesinye sezizwana zenu, nikwenze khona konke enginiyala ngakho.


Kepha indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha, kuzo zonke izizwe zenu, ukuba abeke igama lakhe lihlale kuyo, leyo ndawo niyakuyifuna, niye kuyo,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka