Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 29:23 - IsiZulu 2020

23 lonke izwe lakhona lishiswe ngesibabule nosawoti, akunakutshalwa kulo, akukhuli lutho kulo, akumili lutho oluluhlaza, linjengokubhujiswa kweSodoma neGomora neZebhoyimi okwabhujiswa nguSimakade ngentukuthelo yakhe nangolaka lwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 nezwe lonke langakhona ukuthi lishisiwe, liyisibabule nosawoti, lingenakutshalwa, lingenakho okumilayo, lingenambali ekhahlelayo, linjengokuchithwa kweSodoma neGomora neSeboyimi achithwa nguJehova ngentukuthelo yakhe nangolaka lwakhe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Lonke izwe lalo liyisibabule nosawoti nokuvutha, ukuthi lingahlwanyeli, lingazali, kungabikho tshani obumila kulo, njengokuchithwa kweSodoma neGomora, i-Adima neSeboyimi uJehova ayichitha ekubhujisweni kwayo. Ulaka nolaka lwakhe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 29:23
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ahlasela uBhera inkosi yaseSodoma, noBhisha inkosi yaseGomora, noShinaba inkosi yase-Adima, noShemebha inkosi yaseZebhoyimu, nenkosi yaseBhela okuyiZowari.


Nakuba le ndlu iphakeme kangaka, kodwa bonke abayodlula ngakuyo bayomangala, banximfe, bathi: ‘USimakade wenzeleni okunje kuleli lizwe nakule ndlu na?’


“Bayophendula bathi: ‘Kungenxa yokuba bamshiya uSimakade uNkulunkulu wabo owakhipha okhokho babo eGibhithe, base benamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza, ngakho-ke uSimakade wehlisele le nhlekelele phezu kwabo.’ ”


“Hambani ningibuzele kuSimakade, mina nabantu naye wonke uJuda, maqondana namazwi ale ncwadi etholakeleyo, ngokuba inkulu intukuthelo kaSimakade esivuthelayo. Okhokho bethu abawalalelanga amazwi ale ncwadi, ukuze benze njengakho konke okulotshwe ngathi kuyo.”


Ethendeni laso kuyohlala okungesibo abaso, indawo yaso ichelwe ngesibabuli.


nezwe elivundileyo laba wugwadule lukasawoti ngenxa yobubi yababehleli kulo.


Izwe lakini liyincithakalo, imizi yakini ishiswe ngomlilo, umhlabathi wenu udliwa ngabafokazi phambi kwenu; liyincithakalo, libhujiswe ngabafokazi.


IBhabhele, udumo lwemibuso, igugu nokuzigqaja kwamaKhaledi, liyofana neSodoma neGomora lapho uNkulunkulu elichitha.


Imifudlana iyophenduka ikolitayi, uthuli lwakhona lube yisibabule, nezwe lakhona libe yikolitayi elivuthayo.


Indlu yethu engcwele nemangalisayo, lapho okhokho bethu babekudumisa khona, ishiswe ngomlilo, nazo zonke izinto zethu ezithandekayo, ziphenduke incithakalo.


Uyakuba njengesihlahla ogwadule, akayukukubona okuhle noma kuza kuye, uyakuhlala ezindaweni ezigagadekile ehlane, ezweni likasawoti okungahlali muntu kulo.


Lo muntu makabe njengemizi uSimakade ayigumbuqela ngokungenasihawu, makezwe ukukhala ekuseni, nokumemeza kokwethuka ngesikhathi sasemini,


Njengokuchithwa kweSodoma neGomora, nemizi eyakhe ngakhona; akuyukuhlala muntu lapho, nendodana yomuntu ayiyukugogobala khona,” kusho uSimakade.


“Ngizakulenza iJerusalema libe yindunduma yamatshe, nendawo yamakhanka; imizi yakwaJuda ngiyenze ibe yincithakalo, kungahlali muntu kuyo.”


Kepha amaxhaphozi alo nezimbuku zalo akuyukwenziwa kube kusha, kuyakuyekwa kunosawoti.


Ngiyakulenza izwe libe yincithakalo; izitha zenu ezihlala kulo ziyakumangala ngalokhu.


“Ngababhubhisa abanye benu njengalokhu uNkulunkulu abhubhisa iSodoma neGomora; nanifana nesikhuni esophulwe emlilweni, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


Ngalokho-ke ngifunga ngiyagomela,” kusho uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma, abantu bakwa-Amoni bafane neGomora, izwe lembabazane nemigodi kasawoti nencithakalo yaphakade. Insali yabantu bami iyakubaphanga, nabaseleyo besizwe sami bayakudla ifa labo.”


Kepha kwathi ngosuku uLothi aphuma ngalo eSodoma, lana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke.


Nanjengalokhu u-Izaya washo phambilini wathi: “Ukuba iNkosi Yamabandla ibingasishiyelanga ulibo, besiyakuba njengeSodoma, sibe njengeGomora.”


NjengeSodoma neGomora nemizi eyakhelene nayo, yenza ubufebe ngokufanayo, yalandela ubufebe obuxakile. Bayisibonelo sokubhujiswa ngomlilo ongunaphakade.


Isilo sabanjwa kanye nomphrofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo labo abemukela uphawu lwesilo nabakhuleka emfanekisweni waso. Labo bobabili baphonswa bephila echibini lomlilo elivutha isibabuli.


U-Abhimelekhi walwa nomuzi lonke lolo lusuku; wawudla umuzi, wabulala abantu ababekuwo, wawushisa umuzi, wawufaza ngosawoti.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka