Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 28:55 - IsiZulu 2020

55 Akayukunika namunye inyama yabantwana bakhe ayobe eyidla, ngokuba kungekho naye okumsalele ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakukuxina ngakho izitha zakho kuwo wonke amasango akho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

55 ukuba angabaniki inyama yabantwana bakhe abadlayo ngokuba engasalelwanga lutho olunye ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakukuxina ngakho izitha zakho kuwo onke amasango akho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

55 Ukuze anganiki noyedwa wabo enye yenyama yabantwana bakhe ukuba ayidle, ngokuba akanalutho kuye ekuvinjezelweni nasekucindezelekeni izitha zakho eziyakukucindezela ngakho kuwo onke amasango akho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 28:55
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyakubenza badle inyama yamadodana neyamadodakazi abo, kube yilowo nalowo adle inyama kamakhelwane wakhe, ngesikhathi bevinjezelwe, bexinwe yizitha zabo nalabo abafuna ukuphila kwabo.’


“Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: hamba uye kuZedekiya, inkosi yakwaJuda, uyothi kuye: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: bheka, ngizakuwunikela lo muzi esandleni senkosi yaseBhabhele, eyakuwungqongqisa ngomlilo.


“Khuphukelani ezingangeni zalo, nilibhubhise, nokho ningaqothi imbokodo nesisekelo kulo; susani amagatsha alo, ngokuba akusiwo akaNkulunkulu.


Ngenyanga yesine, mhla ziyisishiyagalolunye kuleyo nyanga, kwabhoka indlala enkulu emzini, kwakungekho kudla kwabantu bezwe.


“Uyakudla isithelo sesibeletho sakho, inyama yamadodana akho neyamadodakazi akho, uSimakade uNkulunkulu wakho akunike wona ekuvinjezelweni nasekuhlaselweni, izitha zakho eziyakukuhlasela ngakho.


Umuntu onokulunga phakathi kwenu, iso lakhe liyakuba libi kumfowabo, kumkakhe amthandayo, nakuyo insali yabantwana bakhe.


Owesifazane ontekenteke, ozwelayo phakathi kwenu, othambe ngendlela yokuthi akakaze azame ngisho ukubeka amathe onyawo lwakhe emhlabathini, ngenxa yokuthamba nokutetema, uyakuyikluluza indoda yakhe ayithandayo, nendodana yakhe, nendodakazi yakhe,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka