Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 28:32 - IsiZulu 2020

32 Amadodana akho namadodakazi akho ayakunikwa ezinye izizwe, ubuka ngamehlo akho, uyofisa ukuwasiza usuku lonke, kodwa isandla sakho singabi namandla okwenza utho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Amadodana akho namadodakazi akho ayakunikwa ezinye izizwe, amehlo akho abheke, aphele ngokuwalangazelela lonke usuku, kungabikho lutho emandleni esandla sakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Amadodana akho namadodakazi akho ayonikwa esinye isizwe, futhi amehlo akho ayobabheka futhi aphele amandla usuku lonke, futhi ngeke kube namandla esandleni sakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 28:32
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bhekani, obaba bawile ngenkemba, amadodana ethu namadodakazi ethu nawomkethu basekuthunjweni ngenxa yalokho.


Kepha amehlo ezikhohlakali ayakufiphala; ayiyukuba bikho nendawo yokuphephela; ithemba lazo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.”


Okhaphela abangani bakhe ngenxa yesabelo; amehlo abantwana bakhe ayakufiphala.


mangitshale, kudle omunye, impela mazisishulwe izithelo zami.


Amehlo ami alangazelela insindiso yakho nezwi lokulunga kwakho.


Amehlo ami alangazelela izwi lakho, ngithi: “Uyakungiduduza nini na?”


Ngikhathele wukukhala, umphimbo wami ugagadekile. Amehlo ami anqundekile ngukulindela uNkulunkulu wami.


Njengenkonjane noma indwa ngiyatshiyoza, ngiyakhala njengejuba; amehlo ami akhathele ukubheka phezulu; Nkosi, ngicindezelwe, yiba lusizo lwami.”


“USimakade ungijezise ngokufanele, ngokuba angililalelanga izwi lakhe. Lalelani bantu, bukani nibone ubuhlungu bami. Izintombi nezinsizwa zami zihambile, zisekuthunjiweni.


Amehlo ami akhathele ukukhala, kuphethuka izibilini zami; ngiphelelwe yithemba ngenxa yokubhujiswa kwabantu bakithi, nokuquleka kwezingane nabancelayo emigwaqweni yomuzi.


Amehlo ethu aze akhathala, silokhu silindele usizo oluyize, simi emibhoshongweni yethu, silinde isizwe esingenakusisindisa.


Ngalokho-ke inhliziyo yethu idangele; ngenxa yalezo zinto, amehlo ethu afiphele.


“Wena ndodana yomuntu, angithi ngalolo lusuku engiyosusa ngalo inqaba yabo, intokozo yobuhle babo, okunxanelekayo emehlweni abo, okulangazelelwa ngumphefumulo wabo, amadodana abo namadodakazi abo,


nathengisa ngabantu bakwaJuda nabaseJerusalema kubantu bamaGriki kude le, ukuze nibasuse ezweni labo.


Ngiyakunenza nithunjelwe phesheya kweDamaseku,” kusho uSimakade ogama lakhe linguNkulunkulu Wamabandla.


Maye, kulabo abaceba okubi, labo abahlela ukwenza ububi besemibhedeni yabo, kuthi ekuthatheni kokusa bakwenze! Ngokuba kusemandleni ezandla zabo ukwenza lokho.


Yobayoba ezinhlungwini, uzale, ndodakazi yaseZiyoni, njengowesifazane obelethayo, ngokuba manje uyakuphuma uphele kulo muzi, uyakuhlala endle, uye naseBhabhele, kulapho uyakukhululwa khona; uSimakade uyakukuhlenga esandleni sezitha zakho.”


Maye kuwe, Mowabi! Nibhubhile nina bantu bakaKhemoshi. Wenze amadodana akhe aba ngabakhoseli, amadodakazi akhe aba ngabathunjwa benkosi yama-Amori, uSihoni.


“Isithelo sesibeletho sakho, isithelo somhlabathi wakho, amankonyane ezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho, kuyakuqalekiswa.


Inkabi yakho iyakuhlatshwa uzibonela ngawakho amehlo, ungayidli; imbongolo yakho iyakuhlwithwa ebusweni bakho, ingabuyiselwa kuwe; izimvu zakho ziyakunikwa izitha zakho, akuyukuba bikho oyakukusindisa.


Uyakuzala amadodana namadodakazi, kodwa awayukuba ngawakho, ngokuba ayakuthunjwa.


Awuyukukuthola ukuphumula phakathi kwalezo zizwe, akuyukuba bikho ukuphumula ematheni onyawo lwakho, kodwa uSimakade uyokunika inhliziyo egubhazelayo, namehlo anqundekayo, nokudangala komphefumulo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka