Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




NgokukaMarku 14:21 - IsiZulu 2020

21 INdodana yomuntu izakuhamba njengalokhu kulotshiwe ngayo, kodwa maye, kulowo muntu iNdodana yomuntu eyakukhashelwa ngaye! Kuyakuba ngcono kulowo muntu ukuba kazalwanga.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 INdodana yomuntu iyamuka kambe njengokulotshiwe ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Nga kukuhle kulowo muntu ukuba kazalwanga.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 INdodana yomuntu iyamuka impela, njengokulotshiweyo ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Bekungaba kuhle kulowomuntu ukuba wayengazalwanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 INdodana yomuntu iyamuka impela, njengokulotshiweyo ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Bekungaba kuhle kulowomuntu ukuba wayengazalwanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




NgokukaMarku 14:21
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngizokwenza ubutha phakathi kwakho nowesifazane, ngizonenza nizondane nenzalo yowesifazane. Inzalo yowesifazane iyochoboza ikhanda leyakho, nenzalo yakho ishaye isithende senzalo yakhe.”


Ukufa makubazume, behlele endaweni yabafileyo besaphila, ngokuba ububi busezindlini zabo, phakathi kwabo.


Njengalokhu babebaningi abamangala ngayo, ubuso bayo babonakele kunobabantu, nesimo sayo, kunesamadodana abantu;


“Amasonto angama-70 anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele ukuqeda iziphambeko, nokukhawula izono, nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade, nokunamathelisa umbono nesiphrofetho, nokugcoba indlu engcwelengcwele.


Emva kwalawo masonto angama-62 ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.


“Vuka nkemba, umelane nomelusi wami, umelane nomuntu ongumgani wami. Shaya umelusi, ukuze kuhlakazeke izimvu, ngiyakuphendulela isandla sami kumawundlu,” kusho uSimakade Wamabandla.


Pho-ke ingafezeka kanjani imibhalo ethi kufanele ukuba kwenzeke kanjalo na?”


Kepha konke lokho kwenzekile ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaphrofethi.” Khona bonke abafundi bamshiya babaleka.


Wathi kubo: “Ngomunye wabali-12, okha kanye nami esitsheni.


Kuthe besadla, uJesu wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi bakhe, wathi: “Thathani lokhu: kungumzimba wami.”


Benginani imihla ngemihla ethempelini, ngifundisa, anizange ningibambe; kodwa ifanele ukugcwaliseka imibhalo.”


Ngokuba iNdodana yomuntu izakufa njengokumisiweyo, kepha maye, kulowo muntu ekhashelwa ngaye!”


Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi engawakhuluma ngisenani, ngathi: ‘Kumele ukuba kugcwaliseke konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, kubaphrofethi, nasemaHubweni.’ ”


Emva kwalokho, uJesu azi ukuthi konke sekuphelelisiwe, ukuba kugcwaliseke umbhalo, wathi: “Ngomile.”


ukuba athathe indawo kulo msebenzi nobuphostoli obulaxazwe nguJuda, waya endaweni yakhe.”


Yena lowo esenikelwe ngesu elimisiwe phambilini nangokwazi kukaNkulunkulu, nambethela ngezandla zabangenamthetho, nambulala.


“Ngokuba kuwo lo muzi, uHerode, uPhontiyu Pilatu, nabezizwe nabantu bakwa-Israyeli bahlangana bamelana neNceku yakho engcwele, uJesu owamgcobayo,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka