Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




KwabaseGalathiya 6:12 - IsiZulu 2020

12 Yilabo abafuna ukuzibonakalisa enyameni, abaniphoqa ukuba nisoke kuphela nje, ukuze bangazingelwa ngenxa yesiphambano sikaKhristu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Bonke abafuna ukubukeka enyameni, yibona abaniphoqela ukusoka, kuphela ukuba bangayikuzingelwa ngenxa yesiphambano sikaKristu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Bonke abafuna ukubonakala bebahle enyameni, yibona abanicindezela ukuba nisokwe; kuphela funa bazingelwe ngenxa yesiphambano sikaKristu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Bonke abafuna ukubonakala bebahle enyameni, yibona abanicindezela ukuba nisokwe; kuphela funa bazingelwe ngenxa yesiphambano sikaKristu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseGalathiya 6:12
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nifana namathuna acakiweyo, abonakala emahle ngaphandle kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke!


Kanjalo nani; ingaphandle lenu libonakala kubantu lilungile, kanti ingaphakathi lenu ligcwele ukuzenzisa nobubi.


“Yonke imisebenzi yabo bayenza ukuba babukwe ngabantu. Amabhande abo abawabopha ebunzini uma bekhuleka bawenza abe banzi, benze izinsephe ezinkulu.


Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.


“Futhi nxa nizila ukudla, ninganyukubali njengabazenzisi, ngokuba bayabipha, ukuze babonwe ngabantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: sebewamukele umvuzo wabo.


“Ngakho-ke nxa upha ompofu, ungashayi icilongo utshela abanye, njengalokhu kwenza abazenzisi emasinagogeni nasemigwaqweni ukuze badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: sebewamukele umvuzo wabo.


“Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bayathanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: sebewamukele umvuzo wabo.


Wayesethi kubo: “Nina nizenza abalungileyo phambi kwabantu, kodwa uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okutuseka kakhulu kubantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.


Zidla izindlu zabafelokazi, zikhuleke isikhathi eside, zizenzisa. Laba bayakwemukela ukwehlulelwa okukhulu.”


Ozikhulumela ngokwakhe ufuna udumo lwakhe, kodwa ofuna udumo lwalowo omthumileyo, lowo uqinisile, akukho ukungalungi kuye.


Kwehla abathile bevela eJudiya, bafundisa abazalwane ukuthi: “Uma ningasokwa ngomthetho kaMose, ningesindiswe.”


Kepha kwasukuma abathile behlelo labaFarisi abakholwayo, bathi kumele ukuba basokwe, bayalwe ukuba bawugcine umthetho kaMose.


Ngokuba asithandi neze ukuzilinganisa nokuzifanisa nabathile balabo abazincomayo. Kepha lapho bezilinganisa nabanye phakathi kwabo, bazifanisa nabanye ngendlela engenangqondo.


Ngokuba abanjalo bangabaphostoli bamanga, izisebenzi zenkohlakalo, eziziguqula zizenze abaphostoli bakaKhristu.


Kepha lapho ngikubona lokhu ukuthi abahambi ngokufanele iqiniso levangeli, ngathi kuKhefase phambi kwabo bonke: “Uma wena ungumJuda uziphatha njengowezizwe, hhayi njengokwabaJuda, pho baphoqelwani abezizwe ukuba baphile njengabaJuda na?


Kepha ngisho uThithu esasihamba naye engumGriki, akaphoqwanga ukuba asoke.


Kepha mina, bazalwane, uma ngisashumayela ukusoka, pho ngizingelelwani na? Ukuba bekunjalo ngabe sisusiwe isikhubekiso sesiphambano.


Ngokuba ngisho nabo abasokayo, kabawugcini umthetho, kodwa bafuna ukuba nisoke ukuze bazincome ngani.


Abanye kambe bashumayela uKhristu ngomhawu nangombango, kodwa abanye ngenhliziyo enhle.


Yilowo nalowo anganaki okungokwakhe, kodwa anake nokwabanye.


Abaningi enganitshela ngabo ngiphindelela, kumanje ngisanitshela ngabo ngikhala izinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKhristu.


Konke kubonakala sengathi kunokuhlakanipha kokwenza abantu baziqokele inkolo eluthayo, nokuzenza abathobileyo, nokukhandla umzimba, kodwa akusizi ngalutho maqondana nokuzithiba ezinkanukweni zenyama.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka