Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




Johane 12:36 - IsiZulu 2020

36 Nisenokukhanya, kholwani ngukukhanya, ukuze nibe ngabantu bokukhanya.” UJesu washo lokhu wamuka kubo, wafihleka kubo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 Nise nokukhanya kholwani ngukukhanya, ukuze nibe ngabantwana bokukhanya.” Washo lokho uJesu, wamuka, wasithela kubo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

36 Nisenokukhanya kholwani ngukukhanya, ukuze nibe ngabantwana bokukhanya. UJesu wakhuluma lokho, wamuka, wacasha kubo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

36 Nisenokukhanya kholwani ngukukhanya, ukuze nibe ngabantwana bokukhanya. UJesu wakhuluma lokho, wamuka, wacasha kubo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 12:36
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Vuka ukhanye, ngokuba ukukhanya kwakho kufikile; nenkazimulo kaSimakade iphumele phezu kwakho.


Wahamba, waphuma emzini, waya eBhethaniya, walala ubusuku lapho.


“Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhiwe entabeni ungesitheke.


“Inkosi yayibabaza induna engathembekile, ngokuba yenza ngokuhlakanipha, ngokuba abantu balesi sikhathi esizukulwaneni sabo bahlakaniphile kunabantwana bokukhanya.


Wezela ukuba ngufakazi, ofakaza ngokukhanya ukuze bonke abantu bakholwe ngaye.


Ngakho-ke uJesu akabange esahamba obala phakathi kwabaJuda, kodwa wasuka lapho waya ezweni eliseduze nogwadule, emzini okuthiwa yi-Efrayimi. Wahlala lapho nabafundi bakhe.


Nakuba ayezenzile izibonakaliso eziningi, bezibonela ngawabo, kodwa abakholwanga kuye,


Ngize emhlabeni njengokukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.


Kepha lowo owenza iqiniso, uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.”


Ngakho uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe. Ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa uyakuba nokukhanya kokuphila.”


Base becosha amatshe ukuze bamkhande ngawo, kodwa uJesu wafihlakala kubo, waphuma ethempelini.


Ngokuba kade ningubumnyama, kodwa manje seningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya,


ngokuba nina nonke ningabantwana bokukhanya, nabantwana bemini; asisibo abobusuku noma abobumnyama.


Kepha thina esingabemini masizithibe, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nesothando, isigqoko sibe yithemba lokusindiswa,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka