Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 21:31 - IsiZulu 2020

31 Kuthe sebefuna ukumbulala, kwafika izwi enduneni yenkulungwane elithi lonke iJerusalema liyaphithizela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Kuthe sebefuna ukumbulala, kwafika izwi enduneni yenkulungwane lokuthi lonke iJerusalema liyayaluza;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

31 Kwathi besafuna ukumbulala, kwafika umbiko enduneni yenkulungwane ukuthi lonke iJerusalema liyayaluza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Kwathi besafuna ukumbulala, kwafika umbiko enduneni yenkulungwane ukuthi lonke iJerusalema liyayaluza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 21:31
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Adoniya nabo bonke ayebamemile bawuzwa umsindo lapho nje beqeda ukudla. UJowabe ezwa ukukhala kwecilongo, wathi: “Ungowani lo msindo wokuxokozela emzini na?”


Kepha bathi: “Makungabi ngomkhosi, funa kube khona isiyaluyalu esizweni.”


Amabutho ombusi ayesemthatha uJesu, amngenisa enqabeni, ayeseqoqela kuye iviyo lonke lamabutho.


Base bethi: “Makungabi ngomkhosi, funa kusuke isiyaluyalu esizweni.”


Bayakunikhipha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza lapho bonke abanibulalayo beyakuthi basebenzela uNkulunkulu.


Isigejane samabutho, induna yenkulungwane, nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha.


Kwakukhona indoda ethile eKhesariya, igama layo kunguKhorneliyu, iyinduna yekhulu yebutho okuthiwa elase-Ithaliya.


Kepha abaJuda benomhawu, baqoqa abantu ababi, baba yisixuku, base bedala isiyaluyalu emzini. Bahlasela indlu kaJasoni befuna ukubakhiphela ngaphandle kubantu.


Impela sisengozini yokumangalelwa ngenxa yesiphithiphithi sanamuhla, ngokuba akukho sizathu esingazilandulela ngaso ngalesi siyaluyalu.”


Kanti awusiye yini umGibhithe, okwathi ngaphambi kwalezi zinsuku wadala isiyaluyalu, wembuka, waholela amadoda ayizi-4 000 ehlane, angababulali na?”


Bamlalela kwaze kwaba kuleli lizwi, base bekhamuluka bethi: “Msuseni onje emhlabeni, ngokuba akafanele ukuba aphile.”


UPawula wabiza enye induna yekhulu, wathi kuyo: “Ake uyise le nsizwa enduneni yenkulungwane, kunokuthile ezakukubika kuyo.”


Kepha uFelikisi ekwazi kahle okuqondene naleyo Ndlela, wakuguqisa ukuqulwa kwecala, ethi: “Kuyakuthi uma sekufike uLisiya, induna yenkulungwane, bese nginquma ngodaba lwenu.”


futhi yazama ukungcolisa ithempeli; sayibopha, safuna ukuyehlulela ngomthetho wakithi.


Kepha kwafika uLisiya, induna yenkulungwane, wayithatha ngendluzula enkulu ezandleni zethu.


Ngakho-ke ngakusasa kwafika u-Agripha noBhernisi, bemukelwa ngokuhlonishwa okukhulu, bangena endlini yamacala nezinduna zenkulungwane nezikhulu zomuzi. UFestu wayaleza ukuba uPawula alethwe kubo.


Ngenxa yalokho, abaJuda bangibamba ethempelini, bazama ukungibulala.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka