Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




IzAga 7:1 - IsiZulu 2020

1 Ndodana yami, gcina amazwi ami, uzilondele imiyalelo yami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ndodana yami, gcina amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ndodana yami, gcina amazwi ami, ugcine imiyalo yami kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzAga 7:1
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ake wemukele imfundiso ephuma emlonyeni wakhe, ubeke amazwi akhe enhliziyweni yakho.


Ndodana yami, lalela ukuqondisa kukayihlo, ungayedeleli imfundiso kanyoko,


Ohlakaniphileyo uqongelela ulwazi, kodwa umlomo wesiwula uletha imbubhiso.


Ndodana yami, ungawukhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayilonde imiyalelo yami,


Makungasuki emehlweni akho, ukugcine ekujuleni kwenhliziyo yakho,


Izinyawo zakhe zehlela ekufeni; izinyathelo zakhe zibheke endaweni yabafileyo.


Ndodana yami, gcina umyalo kayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko.


Ayiyukufuna nhlawulo; ayiyukukwemukela ukufunjathiswa.


Kepha uJesu wathi: “Yebo kunjalo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”


Abasemhlabathini ovundileyo, yilabo abathi uma sebelizwile izwi, balamukele, babambelele kulo ngenhliziyo eqotho nelungileyo, kuthi ngokubekezela, bathele izithelo.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami. UBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.


Khumbulani izwi enganitshela lona, ngathi: ‘Isisebenzi kasingaphezulu komqashi waso.’ Uma Mina bengihlupha, nani bayakunihlupha; uma beligcina izwi lami, kanjalo bayakuligcina nelenu.


Isiqalekiso, uma ningayilaleli imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu, kepha niphambuka endleleni enginiyala ngayo namuhla, bese nilandela abanye onkulunkulu eningabaziyo.


Ubusisiwe lowo ofundayo nalabo abezwa amazwi alesi siphrofetho, bese bekugcina okulotshwe kuso, ngokuba isikhathi sesiseduze.


Kepha yathi kimi: “Ungakwenzi lokho, nami ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho, abaphrofethi nalabo abagcina amazwi ale ncwadi. Khuleka kuNkulunkulu.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka