Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




IzAga 4:7 - IsiZulu 2020

7 Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu: zuza ukuhlakanipha; yebo, ngakho konke okutholileyo, zuza ukuqonda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu: Zuza ukuhlakanipha; yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ukuhlakanipha kuyinto ebaluleke kakhulu; ngakho-ke zuza ukuhlakanipha, futhi uzuze ukuqonda ngakho konke ukuqonda kwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzAga 4:7
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Manje ngiphe ukuhlakanipha nokwazi ukuze ngihole laba bantu, ngokuba ngubani ongehlulela laba bantu bakho abaningi kangaka na?”


Ngeziyalezo zakho ngizuza ukuqonda, ngalokho-ke ngiyazizonda zonke izindlela zamanga.


Kuhle kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide, nokuzuza ukuqonda kunesiliva lekhethelo!


uma ukufuna njengesiliva ukufunisisa njengengcebo efihliweyo,


Ukuthola ingcebo ngolimi lwamanga kuyize elidlula njengomhwamuko nanjengezingibe zokufa.


Thengisisa iqiniso, ukuhlakanipha, ukuyalwa, nokuqonda, ungathengisi ngakho.


Zuza ukuhlakanipha, uzuze ukuqonda; ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami;


Wangimisa kwasemandulo, ekuqaleni, ngaphambi kokusekelwa komhlaba.


umuntu owayengenabani, engenandodana namfowabo, nokho umshikashika wakhe ungenamkhawulo, namehlo akhe enganeliseki wumcebo. Uthi: “Ngisebenzela bani kangaka, ngizincisha intokozo na?” Nalokho kuyize nomsebenzi ongajabulisi.


Ngokuba ukuvikeleka kokuhlakanipha kufana nokuvikeleka kwemali, kodwa ubuhle bolwazi nokuhlakanipha kulondoloza ukuphila kwalowo onakho.


Kepha kunye okudingekileyo; uMariya ukhethe okuyikhona kungcono, angayukwephucwa khona.”


“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Siwula ndini, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakuthathwa kuwe. Pho-ke ziyakuba ngezikabani lezi zinto ozilungisileyo na?’


Yebo impela, ngikushaya indiva ngenxa yobukhulu bokumazi uKhristu uJesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi ukuze ngizuze uKhristu,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka