Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




IzAga 21:8 - IsiZulu 2020

8 Indlela yonecala igwegwile, kodwa inkambo yolungileyo iqondile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Indlela yothweswe icala iyinsongensonge, kepha ohlanzekileyo, isenzo sakhe silungile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Indlela yomuntu ayilungile futhi iyinqaba, kepha ohlanzekileyo umsebenzi wakhe ulungile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzAga 21:8
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wabona ukuthi umhlaba wonakele, ngokuba bonke abantu babeziphethe kabi emhlabeni.


Amacebo omubi ayisinengiso kuSimakade, kepha amazwi amnene ayamenamisa.


abandlela zabo zigwegwile, nemikhondo yabo imazombezombe.


Kungcono ukukhosela ekhoneni lophahla, kunokuhlala ndlininye nowesifazane onothuthuva.


Lesi yisizukulwane esizibona simsulwa emehlweni aso, esingahlanzwanga insila yaso.


Yilokhu kodwa engakuthola, ukuthi uNkulunkulu wabenza abantu baba qotho, kodwa bona bazisungulela amaqhinga amaningi.”


Nabu ububi obukukho konke okwenzeka phansi komthunzi welanga: bonke behlelwa yinto efanayo; izinhliziyo zabo bonke abantu zigcwele ububi, ukuhlanya kukuzo besaphila, emuva kwalokho baya kwabafileyo.


Indlela yabalungileyo iqondile, Wena Olungileyo uyenza ibe bushelelezi indlela yoqotho.


Indlela yokuthula abayazi, nobulungiswa abukho emikhondweni yabo; bazenzele izindlela eziyizigwegwe, bonke abahamba ngazo abakwazi ukuthula.


Bayakuzihlanza, bazenze mhlophe, abaningi bayakucwengisiswa, kepha ababi bayakwenza kabi, akukho noyedwa omubi oyakuba nokuqonda; abahlakaniphileyo bayakuqonda.


“Kuphakathi kokuba nithi umuthi muhle, nesithelo sawo sibe sihle; noma nithi mubi, nesithelo sawo sibe sibi; ngokuba umuthi waziwa ngesithelo sawo.


Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo, ngokuba bayakumbona uNkulunkulu.


Akenzanga mehluko phakathi kwethu nabo, ehlambulula izinhliziyo zabo ngokukholwa.


ngokuba niphila ngokwenkambiso yabantu. Uma nje kusekhona kini umhawu nokuphikisana, anisibo yini abenyama? Anihambisi yini okwabantu na?


Kwabahlanzekileyo konke kuhlanzekile, kepha kwabangcolileyo nabangakholwayo akukho lutho oluhlanzekileyo, kodwa kungcole ingqondo nonembeza wabo.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sidukiswa, siyizigqila zezinkanuko nokutamasa okunhlobonhlobo, siphila ebubini, sinomona, sizondwa futhi sizondana.


wasisindisa; hhayi ngemisebenzi yokulunga esayenza, kodwa ngokwesihawu sakhe, ngokugezwa kokuphindu kuzalwa, ngokuba senziwe basha ngoMoya oNgcwele,


Uma nazi ukuthi Yena ulungile, yazini-ke futhi ukuthi yilowo nalowo owenza ukulunga uzelwe nguye.


Bonke abanalelo themba kuye, bayazihlambulula, njengokuba Yena ehlambulukile.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka