Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 51:17 - IsiZulu 2020

17 Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owephukileyo. Nkulunkulu, awuyukuyidelela inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo; inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo, Nkulunkulu, awuyikuyidelela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Imihlatshelo kaNkulunkulu ingumoya ophukile; inhliziyo eyaphukileyo nephukile, Nkulunkulu, awuyikuyidelela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 51:17
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ngenxa yokuba inhliziyo yakho ithambile, wazithoba phambi kukaSimakade, ngesikhathi uwezwa, lokho engakukhuluma kule ndawo nakwabakhileyo kuyo, ukuthi kuyakuba yincithakalo nesiqalekiso, wawusuklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, nami ngikuzwile, kusho uSimakade.


Wawunaka umkhuleko wabangenalutho, akaze awedelela umthandazo wabo.


Mabanikele iminikelo yokubonga, balande imisebenzi yakhe ngokwethaba.


Welapha abanhliziyo zephukile, abophe izilonda zabo.


ngokuba akamedelelanga, akanengwanga yinhlupheko yohlushwayo. Akamfihlelanga ubuso bakhe, kodwa wamuzwa ngesikhathi enxusa.


USimakade useduze nabanhliziyo zidabukile, uyabasindisa abanomoya owaphukileyo.


Imidumba namagatsha ayephuma kulo, konke kwakungumsebenzi owodwa ocangcathiweyo wegolide elicwengekileyo.


Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.


Zonke lezi zinto zenziwe yisandla sami, ngakho-ke konke lokhu kwavela ngezwi lami,” kusho uSimakade. “Ngiyakubheka kulowo othobekile, nodabukileyo emoyeni, othuthumelayo ngenxa yezwi lami.


Niyobulala niqede nya amaxhegu, izinsizwa, izintombi, izingane nabesifazane, kodwa ningasondeli kumuntu onophawu; niyakuqala endlini yami engcwele.” Amalunga aqala ngamadoda ayephambi kwendlu.


Ngiyawazonda, futhi ngiyawenqaba amadili enu, angiyenameli nemihlangano yenu.


“Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.


Ukuyithanda ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla wonke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kuyayedlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.”


Ngithi kini: kanjalo-ke kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni esisodwa esiphendukayo.”


Ngakho-ke ngiyanincenga bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandekayo kuNkulunkulu; kube ngukukhonza kwenu ngokomoya.


Kepha nginakho konke ngokwevile, impela nganelisiwe ngengikwamukeliswe ngu-Ephafrodithu obekuvela kini; kuliphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.


Ningakhohlwa ukwenza okuhle nokwabelana, ngokuba uNkulunkulu uyathokoza ngeminikelo enjalo.


Nani njengamatshe aphilileyo, nakhiwe nibe yindlu yokomoya, ubuphristi obungcwele, ukuze ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu, ngaye uJesu Khristu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka