Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 119:49 - IsiZulu 2020

49 Khumbula izwi owalisho encekwini yakho, owangenza ngalo ngaba nethemba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

49 Khumbula izwi encekwini yakho owangipha ithemba ngalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

49 ZAIN. Khumbula izwi ongenze ngalithemba encekwini yakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 119:49
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJakobe wathandaza wathi: “Nkulunkulu kababamkhulu u-Abhrahama nokababa u-Isaka. Wena Simakade wathi kimi: ‘Buyela ezweni lakini nasezihlotsheni zakho, ngizokwenzela okuhle.’


UNkulunkulu wamkhumbula uNowa nazo zonke izilwane ezazinaye emkhunjini, ezifuywayo nezasendle. Wayesethumela umoya wavunguza phezu komhlaba, amanzi aya ngokuya ebohla.


Ngesikhathi esedlule, sisabuswa yinkosi uSawule, nguwe owawuhola u-Israyeli ephuma noma ebuya empini. USimakade wathi kuwe: ‘Wena uyokwelusa abantu bami, u-Israyeli, uyokuba ngumbusi phezu kuka-Israyeli.’ ”


“Manje, Simakade Nkulunkulu, izwi olikhulume ngenceku yakho nangendlu yayo limise, kuze kube phakade, wenze njengalokhu ukhulumile.


Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya, iso lami aliyukubuye likubone okuhle.


Mhlabeleleleni, nimhubele, nikhulume ngazo zonke izimangaliso zakhe.


USimakade walikhumbula izwi lakhe elingcwele no-Abhrahama, inceku yakhe.


Ngikhumbule, Simakade, lapho wenzela abantu bakho umusa, ungihambele ngensindiso yakho,


Ngenxa yabo wasikhumbula isivumelwano sakhe, wabaphendula ngokobuningi bomusa wakhe.


Ngivuka ekuseni ngovivi ngikhale; ngiyawethemba amazwi akho.


Ungalisusi emlonyeni wami izwi leqiniso, ngokuba ngiyazethemba izehlulelo zakho.


Abakwesabayo bayakujabula lapho bengibona, ngokuba ngethemba izwi lakho.


Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho; ngiyalethemba izwi lakho.


Kepha mina ngizohlala ngikwethemba njalo, ngizokubonga ngingaphezi.


Ezingangeni zakho Jerusalema, ngimisile abalindi. Abayukuthula nakanye imini nobusuku. Nina enibakhumbuza ngoSimakade, maningaphumuli,


Sengathi uNkulunkulu wethemba anganigcwalisa ngenjabulo yonke, nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nichichime ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.


Ngakho-ke hluzani izingqondo zenu, nime ngomumo, nizithibe, niwethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa mhla kwembulwa uJesu Khristu.


okungaye nikholwa kuNkulunkulu, Yena owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu nethemba lenu kube kuNkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka