Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 119:169 - IsiZulu 2020

169 Ukukhala kwami makufinyelele phambi kwakho, Simakade; ngiqondise ngokwezwi lakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

169 Ukukhala kwami makusondele ebusweni bakho, Jehova; ngiqondise ngokwezwi lakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

169 TAU. Ukukhalela kwami usizo makusondele phambi kobuso bakho, Jehova; ngiqondise ngokwezwi lakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 119:169
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kuphela nje, sengathi uSimakade angakupha ukuhlakanipha nokuqonda, akuyale ngo-Israyeli ukuba ugcine umthetho kaSimakade uNkulunkulu wakho.


Manje ngiphe ukuhlakanipha nokwazi ukuze ngihole laba bantu, ngokuba ngubani ongehlulela laba bantu bakho abaningi kangaka na?”


Kwase kusukuma abaphristi nabaLevi babusisa abantu; izwi labo lezwakala, nomkhuleko wabo wafika endaweni kaSimakade engcwele, ezulwini.


Ngiphe ingqondo, ukuze ngiwuqaphele umthetho wakho, ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke.


Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade, ngakhala, uNkulunkulu walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami, kwafinyelela ezindlebeni zakhe.


uyaguqula izikhathi nezinkathi; uyasusa amakhosi, abeke amakhosi; unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha, nokwazi kwabaqonda ukwazi;


Kepha uma kukhona omunye phakathi kwenu oswele ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngokungagodli futhi engabalisi; uyakuphiwa lokho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka