Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 6:33 - IsiZulu 2020

33 Kwase kubuthana bonke abakwaMidiyani, abase-Amaleki, nabantu basempumalanga, bawela iJordani, bakanisa esigodini iJizreyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Kwabuthana bonke abakwaMidiyani, nama-Amaleki, nabasempumalanga, bawela, bamisa esiGodini saseJizreyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Bonke abakwaMidiyani nama-Amaleki nabantwana basempumalanga babuthana, bawela, bamisa esigodini saseJizreyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 6:33
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJakobe waqhubeka nohambo lwakhe, waze wayofika ezweni labantu basempumalanga.


Kwathi ngesikhashana nje izulu laguqubala, kwaba nomoya, lana imvula enkulu. U-Ahabi wakhwela inqola, waya eJizreyeli.


Sekwedlule konke lokho, uNabothi waseJizreyeli wayenesivini esasiseceleni kwesigodlo senkosi u-Ahabi, inkosi yaseSamariya.


Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwakukukhulu kwedlula ukuhlakanipha kwabantu bonke basempumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibhithe.


ahlasela amaHagiri, noJethuri, noNafishi noNodabhi.


Yayinezimvu eziyizi-7 000 namakameli ayizi-3 000, nezinkabi ezingamabhangqa angama-500 nezimbongolo zezinsikazi ezingama-500 nezisebenzi eziningi kakhulu. Leyo ndoda yayiyisikhulu esiphezulu kunabo bonke abantu basempumalanga.


Simakade, ziningi izitha zami. Baningi abangivukelayo.


ngakho-ke sengizokunikela kwabasempumalanga, ube yifa labo. Bayakukanisa kuwe, bamise amathende abo kuwe, badle isithelo sakho, baphuze nobisi lwakho.


Kuyakuthi ngalolo lusuku ngiwuphule umnsalo ka-Israyeli esigodini eJizreyeli.”


Abozalo lukaJosefa bathi: “Elezintaba alisanele, kodwa wonke amaKhanani ahlala emathafeni anezinqola zensimbi, lawo aseBhethi Sheyani nemizana yalo, nalawo asesigodini iJizreyeli.”


Indawo yabo kwakuyiJizreyeli, iKhesulothi, iShunemi,


amanzi anqamuka ukugeleza, aba yintaba aze ayofinyelela ngase-Adamu, eliseduze neZarethani. Kwathi amanzi agelezela olwandle i-Araba, uLwandle Lukasawoti nawo anqamuka, abantu bawela umfula maqondana neJerikho.


Ngokuba njalo lapho abakwa-Israyeli sebelimile, abakwaMidiyani nama-Amaleki nezinye izizwe zasempumalanga babekhuphuka, babahlasele.


UJerubhali okunguGideyoni, nawo wonke amabutho ayehamba naye, bavuka ekuseni bayokanisa ngasemthonjeni kaHarodi. Inkambu yabakwaMidiyani yayingasenyakatho kwabo, phansi kwegquma iMore, esigodini.


UGideyoni wathumela izigijimi kulo lonke elisezintabeni kwa-Efrayimi, wathi: “Yehlani nilwe nabakwaMidiyani, nithathe imithombo kuze kuyofika eBhethi Bhara naseJordani.” Wonke amadoda akwa-Efrayimi abizwa, athatha imithombo yamanzi kwaze kwayofika eBhethi Bhara naseJordani.


Abantu baphatha umphako namacilongo abo ngezandla, bonke abanye bakwa-Israyeli wababuyisela emathendeni abo, wasala nalawo madoda angama-300. Inkambu yakwaMidiyani yayingezansi kwakhe, esigodini.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka