Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 21:17 - IsiZulu 2020

17 Kepha u-Abhishayi, indodana kaZeruya, wamsiza, wamshaya umFilisti, wambulala. Ngenxa yalokho abantu bakaDavide bafunga phambi kwakhe, bathi: “Awusayukubuye uphume impi nathi, ukuze ungasicimi isibani sakwa-Israyeli.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Kepha u-Abishayi indodana kaSeruya wamsiza, wamshaya umFilisti wambulala. Base befunga kuye abantu bakaDavide, bathi: “Awusayikuphuma impi nathi, funa ucime isibani sakwa-Israyeli.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kodwa u-Abishayi indodana kaSeruya wamsiza, wamshaya umFilisti, wambulala. Khona-ke abantu bakaDavide bafunga kuye, bathi: “Awusayikuphinda uphume nathi empini, funa ucime ukukhanya kuka-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 21:17
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Manje umndeni wonke usuvukele incekukazi yakho; uthi: ‘Letha lowo owabulala umfowabo ukuba simbulale naye ngenxa yomphefumulo womfowabo, siyakuyibhubhisa indlalifa.’ Bayakulicima kanjalo-ke ilahle lami eliseleyo, bangabe besayishiyela indoda yami igama nensali ebusweni bomhlaba.”


UDavide wabehlukanisa amaqembu amathathu: elokuqala laliphethwe nguJowabe, elesibili liholwa ngu-Abhishayi, indodana kaZeruya, umfowabo kaJowabe, elokugcina liphethwe ngu-Ithayi, umGithi. Inkosi yathi kubantu: “Nami impela ngizophuma nani.”


Kepha abantu bathi: “Ngeke uphume nathi, ngokuba uma sibaleka abayukusilandela kangako, noma kungafa ingxenye yethu, abayukuyikhathalela. Kodwa wena ufana nezinkulungwane ezilishumi zethu kubo, ngakho-ke kungcono usisize usemzini.”


Bangihlasela ngosuku engehlelwa ngalo yinhlekelele, kodwa uSimakade waba yinsika yami.


Wena Simakade uyisibani sami; uSimakade uyabuguqula ubumnyama bami bube ngukukhanya.


Indodana yakhe ngiyakuyinika isizwe sibe sinye vo ukuze uDavide, inceku yami, abe nesibani izinsuku zonke phambi kwami eJerusalema, umuzi engiwukhethe ukuba ngibeke iGama lami kuwo.


Nokho ngenxa kaDavide, uSimakade uNkulunkulu wakhe wamnika isibani eJerusalema ngokuphakamisa indodana yakhe emva kwakhe, nangokuqinisa iJerusalema.


“Ngiyakuhlumisa uphondo lukaDavide, ogcotshiweyo wami ngimlungisele isibani.


Nguye opha amakhosi insindiso, osindisa inceku yakhe, uDavide, enkembeni yababi.


UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.


UJohanani, indodana kaKhareya, wakhuluma ngasese kuGedaliya eMizpha, wathi: “Mangihambe ngiyombulala u-Ishmayeli, indodana kaNethaliya, akekho oyokwazi lokhu. Ufunelani ukukubulala, enze ukuba bonke abaJuda abaqoqene kuwe bahlakazeke, ibhubhe insali yakwaJuda na?”


UJohane wayeyisibani esivuthayo nesikhanyisayo. Nina-ke nakhetha ukuzijabulisa okwesikhashana ekukhanyeni kwakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka