Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 19:37 - IsiZulu 2020

37 Ivumele inceku yakho iphindele emuva ukuze ifele emzini wayo, eduze kwethuna likayise nelikanina. Kepha bheka, nansi inceku yakho, uKhimihamu, mayiwele nenkosi yami, inkosi, uyenzele okuhle emehlweni akho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 Mayibuyele emuva inceku yakho ukuba ngifele emzini wami ngasethuneni likababa nelikamame. Kepha bheka, inceku yakho uKimihamu mayiwele nenkosi yami, inkosi, wenze kuyo okuhle emehlweni akho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

37 Inceku yakho mayibuyele emuva, ukuze ngifele emzini wami, ngimbelwe ethuneni likababa nomame. Kodwa bheka, inceku yakho uKimhamu; makawele nenkosi yami, inkosi; wenze kuye okuhle kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 19:37
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

lapho sengilele kobaba, ubongithwala, ungikhiphe eGibhithe uyongingcwaba ethuneni lobaba.” UJosefa wathi: “Ngizokwenza njengoba ushilo.”


U-Israyeli wayesethi kuJosefa: “Sengizokufa, kodwa uNkulunkulu uzokuba nani, aniphindisele ezweni lokhokho benu.


Amadodana akhe amthatha uyise amyisa eKhanani, amngcwaba emgedeni osensimini eMakhaphela, u-Abhrahama ayewuthenge nensimu ku-Efroni umHithi, ukuze ube yindawo yokungcwaba, eduze naseMamre.


Inceku yakho isingahamba ibangana nje ukuweza inkosi. Pho kungani inkosi ifuna ukungiklomelisa ngomklomelo ongaka na?


Inkosi yathi: “UKhimihamu uyakuwela nami, ngiyakumenzela okuhle emehlweni akho; konke okufisayo ngiyakumenzela khona.”


Yayisiwela inkosi, yaya eGiligali, noKhimihamu wawela nayo; bonke abantu bakwaJuda bayiwelisa inkosi kanye nengxenye yabakwa-Israyeli.


kodwa ubuyele emuva, wadla isinkwa, waphuza amanzi endaweni akhuluma ngayo kuwe ukuba ungadli sinkwa, ungaphuzi manzi, isidumbu sakho asiyukungeniswa ethuneni lokhokho bakho.’ ”


“Kepha ube nomusa kumadodana kaBharizilayi wakwaGileyadi, abe phakathi kwabadla ngasefatuleni lakho, ngokuba enza kanjalo kimi, mhlazana ngibalekela u-Absalomu, umfowenu.


u-Azariya, indodana kaNathani, owayengamele zonke izikhulu; uZabudi, indodana kaNathathi, owayengumphristi nomngani wenkosi


Bahamba, baze bayophumula eKhimihamu eliseduze neBhethlehema, ukuze baqhubekele eGibhithe,


Ngokuba mina sengivele ngiyanikelwa, nesikhathi sokumuka sesifikile.


“Bhekani, namuhla sengizokufa; niyazi ezinhliziyweni nasemiphefumulweni yenu nonke ukuthi akukho nokukodwa okwaphuthayo kwangaphumelela kulokho uSimakade uNkulunkulu wenu akwethembisa mayelana nani; konke kwaphumelela, akukho nakunye okwaphutha.


nakuba ngazi kahle ukuthi akusensuku zatshwala ngilishiye leli dokodo, njengalokhu neNkosi uJesu Khristu yangitshela ngokusobala.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka