Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 18:24 - IsiZulu 2020

24 UDavide wayehlezi phakathi kwamasango, elingaphakathi nelingaphandle; umlindi wakhuphukela ophahleni lwesango ngasogangeni lomuzi, waphakamisa amehlo akhe, wabona umuntu egijima yedwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 UDavide wayehlezi emkhathini wamasango omabili; umlindi wakhuphukela ophahleni lwesango ngasogangeni, waphakamisa amehlo akhe, wabheka, nanguya umuntu egijima eyedwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

24 UDavide wahlala phansi phakathi kwamasango omabili, umlindi wakhwela ophahleni lwesango odongeni, waphakamisa amehlo akhe, wabheka, nanko umuntu egijima yedwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 18:24
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Absalomu wabaleka. Insizwa eyayiqaphile yaphakamisa amehlo ayo, yabona iqulu labantu liza ngendlela ehamba emva kwentaba.


Wathi: “Noma kungenzekani, ngizogijima.” Wathi kuye: “Gijima.” Wayesegijima u-Ahimahazi ngendlela esethafeni, wamdlula umKhushe.


Umlindi wamemeza, wayibikela inkosi. Yathi inkosi: “Uma eyedwa, ulethe umbiko.” Wayelokhu esondela njalo.


Inkosi yayisithi kubo: “Ngizokwenza lokho enikubona kufanele.” Ngakho-ke inkosi yema ngaseceleni kwesango, wonke amabutho aphuma ngamakhulu nangezinkulungwane.


Inkosi yayisisuka-ke, yahlala esangweni. Bonke abantu bezwa kuthiwa: “Ake nibheke, inkosi ihleli esangweni.” Bonke abantu beza enkosini, kepha abakwa-Israyeli base bebalekile, yilowo nalowo ebalekele ethendeni lakhe.


Wafika; bheka, u-Eli wayehleli esihlalweni sakhe eceleni komgwaqo ebukela, ngokuba inhliziyo yakhe yayithuthumela ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. Kwathi ukuba lowo muntu angene emzini, wawubikela, kwasuka esinamathambo isililo kuwo wonke umuzi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka