Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 18:17 - IsiZulu 2020

17 Bamthatha u-Absalomu, bamlahla emgodini omkhulu ehlathini, babeka phezu kwakhe inqwaba yamatshe enkulu kakhulu; bonke abakwa-Israyeli, yilowo nalowo, wabalekela ethendeni lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Bamthatha u-Abisalomu, bamlahla emgodini omkhulu ehlathini, babeka phezu kwakhe inqwaba enkulu kakhulu yamatshe; bonke abakwa-Israyeli, kwaba yilowo nalowo, babalekela ematendeni abo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Bamthatha u-Abisalomu, bamphonsa emgodini omkhulu ehlathini, babeka phezu kwakhe inqwaba enkulu kakhulu yamatshe; wonke u-Israyeli wabaleka, kwaba yilowo nalowo waya etendeni lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 18:17
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJowabe wangena endlini yenkosi, wathi kuyo: “Namuhla uzidumazile izinhliziyo zazo zonke izinceku zakho ezisindise ukuphila kwakho ngalolu lusuku, nokuphila kwamadodana namadodakazi akho, abafazi bakho nezancinza zakho,


Inkosi yayisisuka-ke, yahlala esangweni. Bonke abantu bezwa kuthiwa: “Ake nibheke, inkosi ihleli esangweni.” Bonke abantu beza enkosini, kepha abakwa-Israyeli base bebalekile, yilowo nalowo ebalekele ethendeni lakhe.


Bonke abantu phakathi kwazo zonke izizwana zakwa-Israyeli babephikisana, bethi: “Inkosi yasisindisa esandleni sezitha zethu, yasikhulula esandleni samaFilisti, manje ibalekile ezweni, ibalekela u-Absalomu.


Kwakukhona umuntu ongalungile, ogama lakhe kunguSheba, indodana kaBhikhiri, umBhenjamini. Wasuka wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; hambani nonke niye emathendeni enu, Israyeli.”


Owesifazane waya kubantu, wabatshela ngecebo lakhe eliphusile, nempela balinquma ikhanda likaSheba, indodana kaBhikhiri, baliphonsa ngaphandle kuJowabe. UJowabe wayesebetha icilongo, abantu bahlakazeka bawushiya umuzi, babuyela emathendeni abo. UJowabe waphindela enkosini eJerusalema.


UJuda wanqotshwa ngu-Israyeli; babaleka, kwaba yilowo nalowo waya ethendeni lakhe.


UJoramu wawelela eSayiri nazo zonke izinqola zakhe. Waphuma ebusuku, wabhubhisa abakwa-Edomi ababemzungeze nhlangothi zonke, nezinduna zezinqola. Kepha abantu babalekela emathendeni abo.


Ukukhunjulwa kolungileyo kuyisibusiso, kepha igama lezikhohlakali liyakubola.


Bathi kumalunga omuzi: ‘Le ndodana yethu inenkani, iyahlupha, ayilaleli izwi lethu; iyisiminzi nesidakwa.’


Onke amadoda omuzi wakubo ayoyikhanda ngamatshe ize ife, uyobususa kanjalo-ke ububi phakathi kwakho, wonke u-Israyeli uyozwa, esabe.”


Ekushoneni kwelanga uJoshuwa wayala, base beyawehlisa emithini, bawaphonsa emgedeni lapho ayekade ecashe khona, babeka amatshe amakhulu emlonyeni womgede; asekhona nanamuhla.


Bamisa phezu kwakhe inqwaba yamatshe, esekhona nanamuhla. USimakade wayesephenduka olakeni lwakhe oluvuthayo. Ngakho-ke igama laleyo ndawo labizwa ngokuthi yisigodi i-Akhori.


Inkosi yase-Ayi wayilengisa emthini kwaze kwaba kusihlwa. Ngokushona kwelanga uJoshuwa wayala ukuba basehlise isidumbu sayo emthini, basitshinge esangweni lomuzi, base bebeka inqwaba enkulu yamatshe phezu kwaso, esekhona nanamuhla.


AmaFilisti alwa, u-Israyeli wanqotshwa, wabaleka, kwaba yilowo nalowo waqonda ethendeni lakhe. Kwaba ngukwehlulwa okukhulu kakhulu, kwasala enkundleni abakwa-Israyeli abayizi-30 000 abayimigundatshani.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka