Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 12:20 - IsiZulu 2020

20 UDavide wayesesukuma emhlabathini, wageza, wazigcoba, waphendulela izingubo zakhe, wangena endlini kaSimakade wakhothama, wakhuleka. Wayeseya endlini yakhe wacela ukudla, bakubeka phambi kwakhe, wadla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 UDavide wayesevuka emhlabathini, wageza, wazigcoba, waphendulela izingubo zakhe, wangena endlini kaJehova, wakhuleka; wayeseya endlini yakhe; lapho esecela ukudla, bakubeka phambi kwakhe, wadla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

20 UDavide wayesesuka emhlabathini, wageza, wamgcoba, washintsha izingubo zakhe, wangena endlini kaJehova, wakhuleka; wacela, babeka isinkwa phambi kwakhe, wadla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 12:20
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wabona izinceku zakhe zihlebelana, waqonda ukuthi umntwana akasekho. Wathi ezincekwini zakhe: “Usefile yini umntwana na?” Zathi kuye: “Yebo, ufile.”


Izinceku zakhe zathi kuye: “Yini le oyenzileyo ngenxa yomntwana na? Umntwana esaphila uzile ukudla, wakhala, lapho esefile, wasukuma wadla ukudla.”


UJowabe wayesethumela eThekhowa, walanda khona owesifazane ohlakaniphileyo, wathi kuye: “Ake uzishaye olilayo, ugqoke inzilo, ungazigcobi ngamafutha, ube njengowesifazane oselile izinsuku eziningi elilela ofileyo,


UMefibhoshethi indodana kaSawule, wehla naye wayohlangabeza inkosi; wayengazigezanga izinyawo zakhe, engasigundile isilevu sakhe, noma ahlanze izingubo zakhe, kusukela ngosuku inkosi eyahamba ngalo kwaze kwaba lusuku eyabuya ngalo ngokuthula.


Bawungenisa umphongolo kaSimakade, bawubeka endaweni yawo, phakathi nethende uDavide ayelimisele wona. UDavide wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula, phambi kukaSimakade.


Inkosi uDavide yangena ethendeni, yahlala phambi kukaSimakade, yathi: “Ngingubani mina, Nkosi Simakade, nendlu yami iyini, ukuba ungaze ungihole kuze kube lapha na?


UJobe wayesesukuma, waklebhula isembatho sakhe, waphuca ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka,


Kepha uJobe wathi kuye: “Ukhulumisa okowesifazane oyisiwula. Siyakwamukela okuhle kuphela yini kuNkulunkulu, asiyukwamukela yini nokubi na?” Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.


Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, konke okungaphakathi kimi makulibonge igama lakhe elingcwele.


USimakade unobubele nesihawu, uyephuza ukuthukuthela, uvame umusa.


Ngithule, angiwuvuli umlomo wami, ngokuba nguwe okwenzile lokho.


Wozani sikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaSimakade, uMenzi wethu.


Ungazishayi ohlakaniphileyo emehlweni akho; mesabe uSimakade, uqhele ebubini.


Izingubo zakho azihlale zimhlophe, nekhanda lakho lihlale ligcotshwe ngamafutha.


Kepha, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho, ugeze ubuso bakho,


Awuligcobanga ikhanda lami ngamafutha, kepha lo wesifazane uzigcobile izinyawo zami ngamafutha.


Geza, uziqhole ngamakha, ugqoke kahle bese wehla uye esibuyeni. Ungaqale uziveze kuye engakaqedi ukudla nokuphuza.


Ngakho-ke ake uthethelele isono sami, uhambe nami ukuba ngikhuleke kuSimakade.”


USamuweli wabuyela emuva, walandela uSawule; uSawule wakhuleka kuSimakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka